Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 20:16 - Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angalibali isikhathi e-Asiya; ngokuba wayekhawulezela ukuba, uma kungenzeka, abe khona eJerusalema ngosuku lwePhentekoste.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ngokuba uPawula wayenqumile ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angachithi sikhathi e-Asiya. Phela wayephuthuma ukuze, uma kwenzeka, abe seJerusalema ngosuku lwePhentekhoste.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 20:16
17 Referans Kwoze  

Kodwa ngizahlala e-Efesu kuze kufike iPhentekoste.


Selufikile usuku lwePhentekoste, babendawonye bonke nganhliziyonye.


Kwathi seziphelile lezi zinto, uPawulu wazimisela emoyeni, esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, ukuya eJerusalema, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.


Kwathi emva kweminyaka eminingi ngafika ukuletha izipho esizweni sakithi neminikelo.


Safumana abafundi, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa; bona bathi kuPawulu ngoMoya angenyukeli eJerusalema.


Manje bhekani, mina ngiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuyakungehlela khona;


Sandulela ukuya emkhunjini, samuka saya e-Asu, lapho besizakumkhwelisa khona uPawulu, ngokuba wayemise kanjalo, yena ethanda ukuhamba ngezinyawo.


Sasuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zesinkwa esingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu; sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa.


Kodwa wabavalelisa, wathi: “Ngimelwe nakanjani ukugcina lo mkhosi ozayo eJerusalema, kepha ngiyakubuyela kini, uma uNkulunkulu ethanda. wamuka ngomkhumbi e-Efesu.


Wafika e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni, wakhulumisana nabaJuda.


Kwathi uPetro engqongqotha emnyango wesango, intombazana yeza ukulalela, ibizo layo linguRoda.


Sebedabule izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulishumayela izwi e-Asiya;


Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu esedabule izwe eliphezulu, wafika e-Efesu;


Wamphelekezela kwaze kwaba se-Asiya uSopatro waseBereya; nabaseThesalonika, u-Aristarku noSekhundu; noGayu waseDerbe, noThimothewu; nabase-Asiya, oThikhiku noTrofimu.


Sebefikile kuye, wathi kubo: Niyazi, kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo eAsiya, ukuthi nganginjani kini ngezikhathi zonke;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite