Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 19:9 - Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kodwa kwathi abanye bezenza lukhuni bengakholwa, bekhuluma kubi ngaleyoNdlela phambi kwexuku, wasuka kubo, wehlukanisa abafundi, ekhuluma insuku ngensuku esikolo sikaTiranu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha lapho abathile bezenza lukhuni bengalaleli, bekhuluma kabi ngaleyo Ndlela phambi kwabantu, wasuka kubo, waqembula abafundi, washumayela imihla ngemihla esikoleni sikaTiranu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kepha lapho abanye sebeqinise amakhanda, bengalaleli futhi bejivaza leyo Ndlela phambi kwesixuku, wasuka kubo, wathatha abafundi, waba nezinkulumompikiswano imihla ngemihla esikoleni sikaTharanu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kodwa kwathi abanye bezenza lukhuni bengakholwa, bekhuluma kubi ngaleyoNdlela phambi kwexuku, wasuka kubo, wehlukanisa abafundi, ekhuluma insuku ngensuku esikolo sikaTiranu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 19:9
39 Referans Kwoze  

Ngalesosikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincinyane mayelana laleyoNdlela.


wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku eziya emasinagogeni, ukuze kuthi uma ethola abanye baleyo Ndlela, abesilisa noma abesifazane, abalethe eJerusalema beboshiwe.


Kepha laba, njengezilwane ezingenangqondo, ezizalelwe ukubanjwa zibhujiswe, bahlambalaza abangaziqondiyo; futhi bayobhubha nokubhubha ekonakaleni kwabo;


Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye ngakumaJuda, abanye ngakubaphostoli.


Kepha laba bahlambalaza abangazaziyo, kepha abakwaziyo ngokwemvelo njengezilwane ezingenangqondo bazonakalisa ngakho.


Nabaningi bayakulandela ukonakala kwabo; okuyakuthi ngaye indlela yeqiniso ihlanjalazwe.


Kodwa khuthazanani insuku zonke, kusathiwa Namuhla; hlezi kube khona kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono.


Imibango ehlanekezelayo yabantu abangqondo eyonakeleyo, abaswele iqiniso, bethi inzuzo ingukumesaba uNkulunkulu;


Pho? U-Israyeli akakutholanga lokho abekufuna; kodwa abakhethiweyo bakuthola, labanye baphuphuthekiswa,


Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


Ngayizingela leNdlela kwaze kwaba sekufeni, ngibopha, ngibakhaphela ematilongweni abesilisa nabesifazane.


Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele;


Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.


benesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla ako bewaphika;


Uyakwazi lokhu, ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele; okukubo ngoFigelu noHermogene.


Kepha sithanda ukuzwa ngawe ukuthi yini oyicabangayo, ngokuba ngaleli hlelo siyazi ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.


ngaphandle kwaleli zwi linye engamemeza ngalo ngimi phakathi kwabo, lokuthi ngokuvuka kwabafileyo ngimangalelwa yinina namuhla.


Ngakho-ke lindani, nikhumbule, ukuthi iminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuxwayisa yilowo nalowo ngezinyembezi.


Kwathi uPawulu esefuna ukungena esixukwini, abafundi abamvumelanga.


Abanye kubo bakholwa, bazihlanganisa noPawulu noSila; nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.


Esemtholile wamyisa e-Antiyokiya. Kwasekusithi umnyaka wonke babuthana ebandleni, bafundisa abantu abanengi. Futhi abafundi baqala ukubizwa ngokuthi amaKristu e-Antiyokiya.


Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo; ukuze bangaboni ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.


Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumele ukungibamba niphethe izinkemba nezinduku njengokuya kumphangi na? Bengihlezi kini insuku zonke ethempelini ngifundisa, aningibambanga.


Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Wabashiya, wahamba.


Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Uma impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.


Ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu onamandla, nabamelene nami baningi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite