Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 18:22 - Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Esefikile eKesariya, wenyuka wayobingelela ibandla, wehlela e-Antiyokiya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 esefikile eKesariya wakhuphuka wabingelela ibandla; wehlela e-Antiyokiya.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Kuthe esefikile eKhesariya, wakhuphuka wayobingelela ibandla, wayesehlela e-Antiyokhiya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Esefikile eKesariya, wenyuka wayobingelela ibandla, wehlela e-Antiyokiya.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 18:22
16 Referans Kwoze  

Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela emizini yonke, waze wafika eKesariya.


Kepha uFestu ethanda ukujabulisa abaJuda, wamphendula uPawulu, wathi: “Uyathanda ukukhuphukela eJerusalema, wahlulelwe khona ngalezi zinto phambi kwami na?


Kwathi uFestu esengenile esikhundleni, wasuka eKesariya emva kwezinsuku ezintathu, wenyukela eJerusalema.


Yasibizela kuye izinduna zekhulu ezimbili, yathi: “Lungisani amasosha angamakhulu amabili ukuba aye eKesariya, nabamahhashi abangamashumi ayisikhombisa, nababikhonto abangamakhulu amabili, ngehora lesithathu lobusuku;


OPawulu noBarnaba bahlala e-Antiyokiya befundisa, beshumayela izwi leNkosi, kanye nabanye abaningi.


Sebemukisiwe, beza e-Antiyokiya;


Basebebhala izincwadi ngabo ngalendlela; Abaphostoli namalunga nabazalwane bayakhonza kubazalwane abavela kwabezizwe e-Antiyokiya, naseSiriya, naseKhilikhiya;


Sebefikile eJerusalema, bamukelwa libandla labaphostoli labadala, balandisa ngakho konke uNkulunkulu ayekwenzile labo.


Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu emsebenzini asebewufezile.


Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni abaprofethi nabafundisi; njengoBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki, noSawulu.


Bheka, kwahle kwafika amadoda amathathu endlini engangikuyo, ethunywe kimi evela eKesariya.


Ngangomuso bangena eKesariya. UKorneliyu wayebalindile, esebizele ndawonye izihlobo zakhe nabangane abaseduze.


Kwakukhona eKesariya indoda ethile, uKorneliyu, eyinduna yekhulu yebutho elithiwa ibutho lamaNtaliyane,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite