Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 16:26 - Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Kwase kuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, athukululwa nezibopho zabo bonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 kwavela ngokuzuma ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, kwathukuluka nezibopho zabo bonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Ngokuphazima kweso kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwanyakaza nezisekelo zejele; masinyane yonke iminyango yavuleka, namaketango ababeboshwe ngawo, athukululeka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kwase kuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, athukululwa nezibopho zabo bonke.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 16:26
15 Referans Kwoze  

Kwathi sebekhulekile, indawo ababebuthene kuyo yazamazama; basebegcwaliswa bonke ngoMoya oNgcwele, basebekhuluma ilizwi likaNkulunkulu ngesibindi.


Kepha ingelosi yeNkosi ebusuku yavula iminyango yetilongo, yabakhipha, yathi:


Sebedlule abalindi bokuqala nabesibili, bafika esangweni lensimbi eliya emzini; owabavulela ngokwakhe; baphuma, badlula umgwaqo munye; ingilosi yahle yasuka kuye.


Bheka, ingelosi yeNkosi yeza phezu kwakhe, nokukhanya kwakhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa, yathi: “Vuka masinyane. Futhi amaketanga akhe awela ezandleni zakhe.


Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yalisusa, yahlala phezu kwalo.


Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, nengxenye yeshumi yomuzi yawa, kwabulawa ukuzamazama komhlaba abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa;


Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu; ilanga laba mnyama njengendwangu yesaka yoboya, nenyanga yaba njengegazi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite