Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 14:19 - Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Kwafika abaJuda bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu, banxenxa izixuku, bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi, bethi ufile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kodwa kwafika abaJuda, bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu; sebezivumisile izixuku bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi bethi usefile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Kepha kwafika abaJuda ababevela e-Antiyokhiya nase-Ikhoniyu, sebezizuzile izixuku zaba ngakubo, bamkhanda uPawula ngamatshe, base bemhudulela ngaphandle komuzi, becabanga ukuthi ufile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kwafika abaJuda bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu, banxenxa izixuku, bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi, bethi ufile.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 14:19
26 Referans Kwoze  

Ukushushiswa, nezinhlupheko, eza kimi e-Antiyokiya, e-Ikoniyu, eListra; ukuzingelwa okungaka ngakubekezelela, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke.


Ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini;


Kwathi sekuvele ukuhlasela kwabezizwe, namaJuda kanye nababusi babo, ukubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe;


Kodwa abaJuda bebona izixuku bagcwala umona, baphikisana lezinto ezazikhulunywa nguPawuli, bephikisa lokuthuka.


Bayizikhonzi zikaKristu na? (Ngikhuluma njengesiwula) mina kakhulu; ekukhandlekeni okuchichima kakhulu, ngemivimbo engaphezu kwesilinganiso, ematilongweni kaningi, nasekufeni kaningi.


Bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe; ofakazi babeka izingubo zabo ezinyaweni zensizwa egama layo linguSawule.


Ngifa imihla ngemihla ngokuzibonga enginakho kuKristu Jesu iNkosi yethu.


Kodwa kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi ilizwi likaNkulunkulu litshunyayelwe nguPawuli eBereya, beza lakhona, bavusa ixuku.


Ngokuba mina ngiyakumbonisa ukuthi kungakanani omelwe ukuhlupheka ngakho ngenxa yegama lami.


Lapho kuchithwa igazi likaStefanu ufakazi wakho, nami ngangimi khona, ngivumelana nokubulawa kwakhe, ngilinda izingubo zabambulalayo.


Kwathi sebeshumayele ivangeli kulowo muzi, sebefundise abaningi, babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya;


Kepha bona sebemukile ePherge bafika e-Antiyokiya yasePhisidiya, bangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, bahlala phansi.


Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.


Kodwa abaJuda abangakholwayo babhebhethekisa abezizwe, benza izinhliziyo zabo zibe zimbi ngabazalwane.


Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye ngakumaJuda, abanye ngakubaphostoli.


Kwaba kalukhuni ukusho lawo mazwi banqanda izixuku ukuba zingabahlabeli.


Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu emsebenzini asebewufezile.


abantu abadele ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu Kristu.


ekuhambeni njalo, ezingozini zamanzi, ezingozini zabaphangi, ezingozini ngabakithi, ezingozini ngabezizwe, engozini emzini, engozini enkangala, engozini olwandle, engozini phakathi kwabazalwane bamanga.


Ngokuba nina, bazalwane, naba ngabalingisi bamabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKristu Jesu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite