Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 6:12 - Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu; ilanga laba mnyama njengendwangu yesaka yoboya, nenyanga yaba njengegazi;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ilanga laba mnyama bhuqe njengendwangu eyisaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu; ilanga laba mnyama njengendwangu yesaka yoboya, nenyanga yaba njengegazi;

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 6:12
31 Referans Kwoze  

Njalo masinyane emva kosizi lwalezonsuku ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya, lezinkanyezi zizakuwa ezulwini, lamandla amazulu azazanyazanyiswa.


Kwase kuba khona amazwi, nokuduma, nemibani; kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu okungazange kube khona okunjalo selokhu kwaba khona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okunamandla okungaka, okungaka.


Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, nengxenye yeshumi yomuzi yawa, kwabulawa ukuzamazama komhlaba abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa;


Ingelosi yasithatha umcengezi wempepho, yawugcwalisa ngomlilo we-altare, yawuphonsa emhlabeni; kwase kuba khona amazwi, nokuduma, nemibani, nokuzamazama komhlaba.


Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.


Kwathi sekufikile ihola lesithupha, kwaba lobumnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba lihola lesificamunwemunye.


Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yalisusa, yahlala phezu kwalo.


Kwathi induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu bebona ukuzamazama komhlaba nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.


Kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Maye kuwe Korazini! maye kuwe, Betsayida! ngokuba uma yayenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngabe kade baphenduka bembethe amasaka nangomlotha.


Ingelosi yesine yayisibetha, kwase kushaywa ingxenye yesithathu yelanga, nengxenye yesithathu yenyanga, nengxenye yesithathu yezinkanyezi; njengokuba ingxenye yesithathu yazo yaba mnyama, nengxenye yesithathu yemini ayikhanyi, nobusuku ngokunjalo.


Eyesine yathululela isitsha sayo elangeni; lanikwa amandla okutshisa abantu ngomlilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite