Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 5:5 - Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Omunye wamalunga wathi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuba ivule incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Omunye wamalunga wathi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 5:5
25 Referans Kwoze  

Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Mina ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ekhanyayo.


Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu yavela kwaJuda; isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi.


Futhi futhi u-Isaya uthi: Kuyakuba khona impande kaJese, futhi oyakuvuka abuse phezu kwabezizwe; abezizwe bazathembela kuye.


Mayelana neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu, owavela enzalweni kaDavide ngokwenyama;


Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu, ngezwa esinye sezidalwa ezine eziphilayo sithi, njengezwi lokuduma: “Woza ubone!


Isihlalo sobukhosi sasihanqe izihlalo zobukhosi ezingamashumi amabili nane, naphezu kwezihlalo zobukhosi kuhlezi amalunga angamashumi amabili nane, embethe izingubo ezimhlophe; babenemiqhele yegolide emakhanda abo.


Omunye wamalunga waphendula, wathi kimi: “Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani na? bavela ngaphi na?


Amalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kwalowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade, ephonsa imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:


Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe okumelwe ukwenzeka masinyane; wathumela ngengelosi yakhe wabonakalisa encekwini yakhe uJohane.


Bathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Wathi kuzo: “Ngokuba bayithathile iNkosi yami, futhi angazi lapho abayibeke khona.


Yathi iNkosi imbona, yamhawukela, yathi kuye: “Ungakhali.


Kodwa uJesu ephendukela kubo wathi: Madodakazi aseJerusalema, lingangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni lina labantwana benu.


Bakhala bonke, beyililela, kepha wathi: “Ningakhali; kafile, kodwa ulele.


Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Ngakhala kakhulu, ngokuba kungafunyanwanga muntu ofanele ukuyivula nokuyifunda incwadi, nokubheka kuyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite