Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 4:2 - Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Njalo masinyane ngaba kuMoya; khangela-ke, isihlalo sobukhosi simisiwe ezulwini, lohlezi esihlalweni sobukhosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Masinyane ngaba kuMoya. Bheka, isihlalo sobukhosi sasimi ezulwini nohlezi phezu kwesihlalo sobukhosi;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Masinyane ngaba kuMoya. Kwase kumiswa isihlalo sobukhosi ezulwini, kukhona ohlezi phezu kwaso;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Njalo masinyane ngaba kuMoya; khangela-ke, isihlalo sobukhosi simisiwe ezulwini, lohlezi esihlalweni sobukhosi.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 4:2
28 Referans Kwoze  

NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi ngelecilongo;


Ngase ngibona esandleni sokunene salowo ohlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelwe ngezimpawu eziyisikhombisa.


Futhi lapho lezo zilwane zinika inkazimulo nodumo nokubonga kuye ohlezi esihlalweni sobukhosi, ophilayo kuze kube phakade naphakade.


Esihlalweni sobukhosi kuphuma imibani, nokuduma, namazwi, nezibani zomlilo eziyisikhombisa zivutha phambi kwesihlalo sobukhosi, ezingoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu.


Konke okusezulwini, nasemhlabeni, naphansi komhlaba, nokuselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa, ngithi: Makube kini isibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla. ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu kuze kube phakade naphakade.


Yangithwala ngikuMoya yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi omkhulu, iJerusalema elingcwele, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu,


Nansi-ke ingqikithi yalokhu esesikushilo: Sinompristi omkhulu onjalo ohlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini;


Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekela ubuso bakhe nezulu; kabafunyanwanga indawo yabo.


Awa phansi amalunga angamashumi amabili nane nezidalwa ezine eziphilayo, akhuleka kuNkulunkulu ohlezi esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Alleluya.


Wasesithi ohlezi esihlalweni sobukhosi: Khangela, ngenza konke kube kutsha. Yathi kimi: Bhala, ngokuba lawa mazwi aqinisile, athembekile.


Yangiyisa ehlane ngikuMoya; ngabona owesifazane ehlezi phezu kwesilo esibomvu, sigcwele amagama enhlamba, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.


Wazala umntwana wesilisa, obeyakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntwana wakhe wahlwithwa wayiswa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.


bathi ezintabeni nasemadwaleni: Welani phezu kwethu, nisifihle ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu.


Wathi kubo: Pho uDavida wambiza njani ngoMoya ngokuthi yiNkosi, esithi:


Amalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kwalowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade, ephonsa imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite