Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 3:3 - Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngakho khumbula ukuthi wamukele wezwa njani, ubambelele, uphenduke. Ngakho uma ungalindi, ngizakuza kuwe njengesela, njalo kawusoze walazi ihola engizakuza ngalo phezu kwakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani, kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela, kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngakho-ke khumbula ukuthi wemukela, wezwa kanjani, ukugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela; kawusoze walazi ihora engiyakufika ngalo kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngakho khumbula ukuthi wamukele wezwa njani, ubambelele, uphenduke. Ngakho uma ungalindi, ngizakuza kuwe njengesela, njalo kawusoze walazi ihola engizakuza ngalo phezu kwakho.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 3:3
24 Referans Kwoze  

Ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngizakuza kuwe masinyane, ngilususe uthi lwesibane sakho endaweni yalo, ngaphandle kokuthi uphenduke.


Kodwa usuku lweNkosi luzafika njengesela ebusuku; lapho amazulu ayakudlula ngomsindo omkhulu, nezakhi ziyoncibilika ngokushisa okukhulu, nomhlaba nemisebenzi ekuwo kuyakusha.


Ngokuba nina ngokwenu nazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.


Bheka, ngiza njengesela; Ubusisiwe olindayo, ogcina izingubo zakhe, funa ahambe nqunu, babone ihlazo lakhe.


Ngakho lindani, ngokuba anazi usuku nehora iNdodana yomuntu eza ngayo.


Ngakho-ke sifanele ukunakisisa kakhulu lokho esikuzwileyo, funa noma nini sishelele.


Thimothi, gcina lokho okuphathisiweyo, uxwaye inkulumo eziyize leze, lokuphikisa okubizwa ngokuthi yisayensi engamanga;


funa efika ngokuzuma, anifice nilele.


Qaphelani, nilinde, nikhuleke, ngokuba anazi ukuthi isikhathi sinini.


Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale; ngakho shisekela, uphenduke.


Le ncwadi yesibili, bathandekayo, nginilobela yona manje; kukho kokubili engivusa ingqondo yenu ehlanzekileyo ngokunikhumbuza;


Bheka, ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.


Kepha lokho eninakho kubambisiseni ngize ngifike.


Yebo, ngibona kufanele ukuthi, nxa ngisekuleli dokodo, nginivuse ngokunikhumbuza;


Bambelela endleleni yamazwi aphilileyo owawezwa kimi ekukholweni nangothando olukuKristu Jesu.


Qaphela, uqinise okuseleyo, obesezakufa;


Bheka, ngiyeza masinyane; ubusisiwe ogcina amazwi esiprofetho sale ncwadi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite