Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 3:10 - Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Ngokuba uligcinile izwi lokubekezela kwami, nami ngiyakukulondoloza ehoreni lokulingwa eliyakufika phezu komhlaba wonke ukulinga abakhileyo emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngokuba ulilondile izwi lokubekezela kwami, nami-ke ngiyakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika ezweni lonke lokulinga bonke abakhileyo emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngokuba uligcinile izwi lami, wabekezela, nami ngizakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika emhlabeni wonke, ukulinga bonke abahlala kuwo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba uligcinile izwi lokubekezela kwami, nami ngiyakukulondoloza ehoreni lokulingwa eliyakufika phezu komhlaba wonke ukulinga abakhileyo emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 3:10
30 Referans Kwoze  

INkosi iyakwazi ukukhulula ezilingweni abamesabayo, nokugcinela abangalungile usuku lokwahlulelwa, bajeziswe;


Nakhu ukubekezela kwabangcwele, nabagcina imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu.


Ungesabi lezinto ozahlupheka ngazo; khangela, uSathane uzaphosela abanye benu entolongweni, ukuze nilingwe; futhi niyakuba nosizi izinsuku eziyishumi: thembeka kuze kube sekufeni, futhi ngizokunika umqhele wokuphila.


Anifikelwa ukulingwa okuvamile kubantu, kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu; kepha kanye nokulingwa uyakunenza nendlela yokuphunyuka, nize nibe-namandla okukuthwala.


Bathandekayo, ningamangali ngokulingwa okuvuthayo enibhekene nakho, ngokungathi nehlelwa yisimangaliso;


Mina Johane, nongumfowenu, nomhlanganyeli wenu osizini, embusweni nasekubekezeleni kukaJesu Kristu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu Kristu.


Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.


Oyisa ekuthunjweni uyakuya ekuthunjweni; obulala ngenkemba umelwe ukubulawa ngenkemba. Nakhu ukubekezela nokukholwa kwabangcwele.


Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.


Ngasengibona, ngezwa ingilosi indiza emkhathini wezulu, isithi ngelizwi elikhulu: Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngenxa yokukhala kwecilongo lezingilosi ezintathu ezisekhona ukuzwakala!


Base bememeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Nkosi, ongcwele noqinisileyo, ungahluleli uphindisele igazi lethu kwabakhileyo emhlabeni na?


Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; bayakwenyuka bephuma kwalasha, baye ekubhujisweni; bayakumangala abahlezi emhlabeni, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila kusukela ekusekelweni komhlaba, lapho bebona isilo esasikhona, ayikho, kanti nokho ikhona.


Sidukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esase sinamandla ukuzenza phambi kwesilo; sitshela abakhileyo emhlabeni ukuthi basenzele umfanekiso isilo, esasinenxeba lenkemba, kodwa saphila.


Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba.


Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.


Lelivangeli lombuso liyakutshunyayelwa emhlabeni wonke kube ngubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.


Kuqala, ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngani nonke, ngokuba ukukholwa kwenu kukhulunywa ngakho emhlabeni wonke.


Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bajabule, bathumele izipho omunye komunye; ngoba laba baprofethi ababili babahlupha abakhileyo emhlabeni.


Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho elizashunyayelwa khona lelivangeli emhlabeni wonke, nalokhu akwenzileyo kuyakukhulunywa ngakho, kube yisikhumbuzo ngaye.


Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke.


Bazalwane bami, umkhiwane ungathela izithelo zomnqumo na? noma umvini, amakhiwane? kanjalo kawunamthombo othela amanzi anosawoti namnandi.


Ngilibonakalisile igama lakho kubantu onginike bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.


uma sibekezela, siyakubusa kanye naye; uma simphika, naye uyakusiphika;


Ngiyayazi imisebenzi yakho; bheka, ngimisile phambi kwakho umnyango ovuliweyo, okungekho muntu ongawuvala, ngokuba unamandla amancane, futhi uligcinile izwi lami, kawuliphikanga igama lami.


Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli laphakade ukubalishumayele kwabakhileyo emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu;


Ngokuba bayimimoya yamademoni, eyenza izibonakaliso, ephumela emakhosini omhlaba wonke ukubabuthela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.


amakhosi omhlaba aphinge nayo, nabakhileyo emhlabeni badakwa ngewayini lobufebe bayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite