Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 16:11 - Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nezilonda zabo, futhi abaphendukanga emisebenzini yabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 futhi bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nangenxa yezilonda zabo; kepha abaphendukanga emisebenzini yabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Kepha bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu nezilonda zabo, kodwa abaphendukanga emisebenzini yabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nezilonda zabo, futhi abaphendukanga emisebenzini yabo.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 16:11
20 Referans Kwoze  

Abantu bashiswa ukushisa okukhulu, bahlambalaza igama likaNkulunkulu onegunya phezu kwalezi zinhlupho, kepha abaphendukanga ukuba bamkhazimulise.


Kwase kwehlela phezu kwabantu isichotho esikhulu sivela ezulwini, ilitshe ngalinye isisindo salo liyitalenta; abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupho yesichotho; ngoba isifo sawo sasisikhulu kakhulu.


Eyokuqala yahamba, yathululela isitsha sayo emhlabeni; kwasekuvela isilonda esibi esibuhlungu phezu kwabantu ababelophawu lwesilo, labo abakhonza umfanekiso waso.


Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, nengxenye yeshumi yomuzi yawa, kwabulawa ukuzamazama komhlaba abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa;


Ngamnika isikhathi sokuthi aphenduke ebufebeni bakhe; futhi kaphendukanga.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite