Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 15:4 - Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Ngubani ongayikukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? ngokuba wena wedwa ungcwele, ngokuba zonke izizwe ziyakuza, zikhuleke phambi kwakho; ngoba izahlulelo zakho zibonakalisiwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 ngubani ongayikwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba wena wedwa ungcwele, nezizwe zonke ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga zibonakalisiwe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngubani ongayukukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba Wena wedwa ungcwele, zonke izizwe ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga sezisobala.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngubani ongayikukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? ngokuba wena wedwa ungcwele, ngokuba zonke izizwe ziyakuza, zikhuleke phambi kwakho; ngoba izahlulelo zakho zibonakalisiwe.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 15:4
44 Referans Kwoze  

Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini, athi: Imibuso yalelizwe isibe imibuso yeNkosi yethu, lekaKristu wayo; futhi iyakubusa kuze kube phakade naphakade.


Lithi ngezwi elikhulu: Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo; ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile, nikhuleke kuye owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nemithombo yamanzi.


Nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo, zinamaphiko ayisithupha nxazonke; zazigcwele amehlo ngaphakathi, futhi aziphumuli imini nobusuku, zithi: Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke, owayekhona, nokhona, nozayo.


Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Yibani ngcwele; ngoba mina ngingcwele.


Ngezwa elinye livela e-altare lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu Somandla, ziyiqiniso futhi zilungile izahlulelo zakho.


Ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe, ngokuba usahlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, waliphindisela igazi lezinceku zakhe esandleni saso.


Lokuthi abezizwe badumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe; njengokulotshiweyo ukuthi: “Ngalokho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe, ngihubele igama lakho.


Base bememeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Nkosi, ongcwele noqinisileyo, ungahluleli uphindisele igazi lethu kwabakhileyo emhlabeni na?


Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi; “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu; avale kungavuli muntu;


Ngase ngizwa ingelosi yamanzi ithi: “Ulungile, Nkosi, okhona nowayekhona nosekhona, ngokuba wahlulele kanje.


Wavunyelwa ukuthi embathe ilineni elicolekileyo, elihlanzekileyo nelimhlophe, ngokuba ilineni elicolekileyo lingukulunga kwabangcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite