Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 13:14 - Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Sidukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esase sinamandla ukuzenza phambi kwesilo; sitshela abakhileyo emhlabeni ukuthi basenzele umfanekiso isilo, esasinenxeba lenkemba, kodwa saphila.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Futhi sibadukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esazinikwayo ukuba sizenze phambi kwesilo, sithi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso isilo, ebesinenxeba lenkemba kepha sasinda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Siyabakhohlisa labo abakhileyo emhlabeni ngenxa yezibonakaliso esanikwa zona ukuba sizenze phambi kwesilo. Sitshela abakhileyo emhlabeni ukuba benze umfanekiso wesilo esasinenxeba lenkemba, kodwa esasinda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Sidukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esase sinamandla ukuzenza phambi kwesilo; sitshela abakhileyo emhlabeni ukuthi basenzele umfanekiso isilo, esasinenxeba lenkemba, kodwa saphila.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 13:14
29 Referans Kwoze  

Sabanjwa isilo, kanye naso nomprofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso. Laba bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.


Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.


Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba.


USathane owabadukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga, futhi bayohlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


Nokukhanya kwesibani akusayikukhanya kuwe nakanye; nezwi lomyeni nelomlobokazi alisayikuzwakala kuwe nakanye; ngokuba ngobuthakathi bakho izizwe zonke zikhohlisiwe.


Eyokuqala yahamba, yathululela isitsha sayo emhlabeni; kwasekuvela isilonda esibi esibuhlungu phezu kwabantu ababelophawu lwesilo, labo abakhonza umfanekiso waso.


Ngase ngibona kungathi ulwandle lwengilazi luxubene nomlilo, nabaphumeleleyo ukunqoba isilo, nomfanekiso waso, nophawu lwaso, nenombolo yegama laso, bemi elwandle lwengilazi; ephethe amahabhu kaNkulunkulu.


Umusi wokuhlushwa kwabo ukhuphuka kuze kube phakade naphakade; abanakuphumula imini nobusuku abakhuleka kuso isilo nomfanekiso waso, nalowo owamukela uphawu lwegama laso.


Ingelosi yesithathu yabalandela, isithi ngezwi elikhulu: “Uma umuntu ekhuleka isilo nomfanekiso waso, amukele uphawu ebunzini lakhe, noma esandleni sakhe,


Sanikwa amandla okwenza umfanekiso wesilo uphile, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze ukuba babulawe abangawukhulekeli umfanekiso wesilo.


Omeleneyo oziphakamisayo phezu kwakho konke okuthiwa nguNkulunkulu, nokukhonzwayo; kangangokuthi yena njengoNkulunkulu uhlala ethempelini likaNkulunkulu, ezibonisa ukuthi unguNkulunkulu.


Ungesabi lezinto ozahlupheka ngazo; khangela, uSathane uzaphosela abanye benu entolongweni, ukuze nilingwe; futhi niyakuba nosizi izinsuku eziyishumi: thembeka kuze kube sekufeni, futhi ngizokunika umqhele wokuphila.


Ngokuba uligcinile izwi lokubekezela kwami, nami ngiyakukulondoloza ehoreni lokulingwa eliyakufika phezu komhlaba wonke ukulinga abakhileyo emhlabeni.


Ngase ngimi esihlabathini solwandle, ngabona isilo sikhuphuka elwandle, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi, nasemakhanda aso kunegama lenhlamba.


Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana namasele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite