Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 12:3 - Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwabonakala esinye isibonakaliso ezulwini; bheka, nango udrako* omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe enemiqhele eyisikhombisa;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kwabonakala futhi esinye isibonakaliso ezulwini; nango udrago omkhulu, obomvu, onamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi. Emakhanda akhe wayenemiqhele eyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 12:3
27 Referans Kwoze  

Izimpondo eziyishumi ozibonile zingamakhosi ayishumi angakawamukeli umbuso; kodwa amukele amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo.


Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.


Izimpondo eziyishumi owazibonayo nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, zibe nqunu, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo.


Yathi kimi ingelosi: “Umangala ngani na? Ngizokutshela imfihlakalo yowesifazane, neyesilo esimthwele, esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.


Yasibamba udrako, inyoka endala, onguSathane, noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane;


Umsila wawo wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni;


Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini; owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili;


Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana namasele.


Amehlo akhe enjengelangabi lomlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; wayelebizo elilotshiweyo elalingaziwa muntu, ngaphandle kwakhe.


Udrako wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nensali yenzalo yakhe, egcina imiyalo kaNkulunkulu, enobufakazi bukaJesu Kristu.


Kwaba khona impi ezulwini: UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako; nodrako walwa nezingelosi zakhe;


Kwathi udrako esebonile ukuthi uphonswe emhlabeni, wazingela owesifazana owazala umntwana wesilisa.


Ngase ngimi esihlabathini solwandle, ngabona isilo sikhuphuka elwandle, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi, nasemakhanda aso kunegama lenhlamba.


Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zinjengezebhere, nomlomo waso unjengomlomo wengonyama, udrako wamnika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, negunya elikhulu.


Bakhuleka kudrako owanika isilo amandla, bakhuleka kuso isilo, bathi: “Ngubani ofana nesilo na? ngubani ongalwa naye na?


Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini, esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina; ngoba ulaka lukaNkulunkulu lugcwaliswa ngazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite