Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 5:7 - Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Ngakho bekezelani, bazalwane, kuze kube sekufikeni kweNkosi. Bhekani, umlimi ulindela isithelo somhlaba esinqabileyo, uyabekezela ngaso, aze amukele imvula yokuqala neyamuva.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngakho bekezelani, bazalwane, ize ifike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlaba esiyigugu, ebekezelela sona, size sithole imvula yokuqala neyamuva.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ngakho-ke bazalwane, bekezelani, kuze kufike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlabathi esiyigugu. Uyasibekezelela, size sithole imvula yokuqala neyakamuva.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngakho bekezelani, bazalwane, kuze kube sekufikeni kweNkosi. Bhekani, umlimi ulindela isithelo somhlaba esinqabileyo, uyabekezela ngaso, aze amukele imvula yokuqala neyamuva.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 5:7
32 Referans Kwoze  

Masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.


Niqiniswe ngamandla onke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kube kukho konke ukubekezela nokubekezela kanye nentokozo;


Ngakho-ke esebekezele wazuza isithembiso.


Kulabo abathi ngokubekezela ekwenzeni okuhle badinga inkazimulo lodumo lokungabhubhi, impilo elaphakade;


Ngokuba thina ngoMoya silindele ithemba lokulunga ngokukholwa.


Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wethu wokuzibonga na? Angithi nina phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwayo na?


Ngakho-ke nani hlalani nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi.


ukuze aqinise izinhliziyo zenu zingasoleki ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu kanye nabangcwele bayo bonke.


Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lukhanye kuze kube sentshonalanga; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.


Ngoba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela langenduduzo yemibhalo sibe lethemba.


bethi: Siphi isithembiso sokufika kwakhe? ngoba selokhu okhokho balala, zonke izinto zimi njengoba zazinjalo kusukela ekuqaleni kokudalwa.


sikhumbula ngokungaphezi umsebenzi wenu wokholo, nomshikashika wothando, nokubekezela kwethemba eNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu;


Ngakho-ke anisileli ngesipho; nilindele ukufika kweNkosi yethu uJesu Kristu;


Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza ngeyezi inamandla nenkazimulo enkulu.


Ngithi kini: Uzabalungisela masinyane. Nokho nxa ifika iNdodana yomuntu, iyakufumana ukukholwa emhlabeni na?


Kodwa esemhlabathini omuhle, yilabo abathi belizwile izwi, baligcine ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”


UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? ngilandele.


Khona leli zwi laphumela kubazalwane ukuthi lowo mfundi akayikufa; kodwa ukuthi: Uba ngithanda ukuthi ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe?


Lingakhulumi kubi, bazalwane. Ohlambalaza umzalwane wakhe, ahlulele umzalwane wakhe, ukhuluma kabi ngomthetho, wahlulela umthetho;


Igolide lenu nesiliva kugqwalile; nokugqwala kwazo kuyakuba ngufakazi ngani, kudle inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ngezinsuku zokugcina.


Bazalwane bami, thathani abaprofethi abakhuluma egameni leNkosi, babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite