Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kuThimothewu 4:2 - Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 shumayela izwi, ulungele ukulishumayela, noma kuyisikhathi noma kungesiso. Sola, ukhuze, ugqugquzele ngakho konke ukubekezela nokufundisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.

Gade chapit la Kopi




2 kuThimothewu 4:2
36 Referans Kwoze  

Siyanincenga, bazalwane, ukuba nibaxwayise abaxhwalayo, niduduze abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibekezelele abantu bonke.


Khuluma lezizinto, uyale, ukhuze ngawo wonke amandla. Makungabikho muntu okudelelayo.


Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike.


Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale; ngakho shisekela, uphenduke.


Lobu bufakazi buqinisile. Ngakho-ke ubakhuze kabukhali, ukuze baphile ekukholweni;


Ngakho-ke uma umuntu ezihlanza kulezizinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esilungele umninindlu, esilungiselwe yonke imisebenzi emihle.


Ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo ofundisayo ezintweni zonke ezinhle.


Jabulani ethembeni; ubekezele osizini; niqinise emthandazweni;


Kodwa wena usuyazile ngokugcwele imfundiso yami, indlela yokuphila, inhloso, ukholo, ukubekezela, uthando, ukubekezela,


Abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze labanye besabe.


engenziwa ngayo isikhonzi ngokohlelo lukaNkulunkulu engiwuphiwe ngenxa yenu, ukugcwalisa izwi likaNkulunkulu;


Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela ivangeli lokuthula, nabaletha ivangeli lezinto ezinhle!


Ngosuku lokuqala lweviki, sebebuthene ukuthi bahlephule isinkwa, uPawuli watshumayela kubo, elungele ukusuka ngakusasa; waqhuba inkulumo yakhe kwaze kwaba phakathi kobusuku.


Kwathi ngesabatha saphumela ngaphandle komuzi ngasemfuleni, lapho okwakumelwe ukukhuleka khona; sahlala phansi, sakhuluma kwabesifazane ababebuthene khona.


UJesu wathi kuye: “Yeka abafileyo bembele abafileyo babo;


Esefikile kuJesu amncenga masinyane, esithi: Ufanele ukuthi amenzele lokhu;


Futhi ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.


Ubayala ngobumnene labo abamelana labo; uma mhlawumbe uNkulunkulu ebanika ukuphenduka ekulazini iqiniso;


Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nilibekezelele izwi lesikhuthazo, ngokuba nginilobele ngamafuphi.


Kwathi sesifikile eRoma, induna yekhulu yanikela izibotshwa enduneni yabalindi, kodwa uPawuli wavunyelwa ukuthi ahlale yedwa lebutho elimgadileyo.


Sebefikile eSalami batshumayela ilizwi likaNkulunkulu emasinagogeni abaJuda, njalo babe loJohane wabancedisa.


nisikhulekele nathi, ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wenkulumo, ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu, engiboshiwe ngenxa yayo;


Nani naba ngabalingisi bethu nabeNkosi, selamukele izwi ekuhluphekeni okukhulu ngentokozo kaMoya oNgcwele;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite