Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 6:2 - Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Labanenkosi abakholwayo, kababedeleli, ngoba bengabazalwane; kodwa kunalokho bakhonze, ngoba bathembekile nabathandekayo, abahlanganyeli bosizo. Fundisa lezizinto, ukhuthaze.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Abanabanumzane abakholwayo bangabadeleli, ngokuba bengabazalwane, kodwa kube yikhona bebakhonza kakhulu, ngokuba bengabakholwayo nabathandekayo labo abasizakala ngomsebenzi wabo. Wofundisa lezo zinto, uyale ngazo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Izigqila ezinabanumzane abakholwayo, mazingabedeleli, ngokuba bangabazalwane njengazo, kodwa mazibasebenzele kakhulu, ngokuba bengabakholwayo nabathandekayo, labo abasizakala ngokusebenza kahle kwazo. Fundisa lezi zinto futhi ugqugquzele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Labanenkosi abakholwayo, kababedeleli, ngoba bengabazalwane; kodwa kunalokho bakhonze, ngoba bathembekile nabathandekayo, abahlanganyeli bosizo. Fundisa lezizinto, ukhuthaze.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 6:2
31 Referans Kwoze  

Makhosi, yiphani izinceku zenu ukulunga nokulingana; nazi ukuthi nani nineNkosi ezulwini.


Yala lezi zinto ufundise.


Ngokunjalo lalaba baphuphi abangcolileyo bangcolisa inyama, badelele ukubusa, bakhulume kubi ngabahloniphekayo.


Kodwa ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokungcola, bedelela ukubusa. Bayagabadela, bazicabangela bona, abesabi nokukhuluma kabi ngezithunzi;


Amalunga aphakathi kwenu ngiyabakhuthaza, mina engimdala, nofakazi wezinhlupheko zikaKristu, nomhlanganyeli enkazimulweni ezakwambulwa;


Ngokuba senziwe abahlanganyeli bakaKristu, uma sibambelela ngokuqinile ekuqaleni kwethemba lethu kuze kube sekupheleni;


Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, eningabahlanganyeli bokubizwa kwasezulwini, cabangani ngomphostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu, uKristu Jesu;


Likholekile leli zwi, futhi lezizinto ngithanda ukuba uziqinise ungayeki, ukuze abakholwa nguNkulunkulu baqaphele ukugcina imisebenzi emihle. Lezi zinto zinhle futhi zinenzuzo kubantu.


Khuluma lezizinto, uyale, ukhuze ngawo wonke amandla. Makungabikho muntu okudelelayo.


Kepha wena khuluma izinto ezifanele isifundiso esiphilileyo;


Umdala ungamkhuzi, kodwa umkhuze njengoyihlo; namasha njengabafowabo;


Simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani, bazalwane, ngokufaneleyo, ngokuba ukholo lwenu lukhula kakhulu, nothando lwenu nonke ngabanye luyevama;


njengoba sezwa ngokukholwa kwenu kuKristu Jesu, nothando eninalo kubo bonke abangcwele.


kubo abangcwele nabazalwane abathembekileyo kuKristu abaseKolose: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.


ukuze abezizwe babe yizindlalifa kanye nami, futhi babe umzimba ofanayo, futhi abahlanganyeli sesithembiso sakhe kuKristu ngevangeli.


Ngalokho nami, sengizwile ngokukholwa kwenu eNkosini uJesu, nothando kubo bonke abangcwele,


UPawulu, umphostoli kaJesu Kristu ngentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwayo kuKristu Jesu:


Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho; kodwa ukholo olusebenza ngothando.


Uma amanye amagatsha aphulwa, wena-ke ongumnqumo wasendle waxhunyelelwa kuwo, uhlanganyele kanye nawo empandeni yokukhuluphala komnqumo;


Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili bafane nomfanekiso weNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi.


Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi.


Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi, ngokuba munye uMfundisi wenu, uKristu; lani lonke lingabazalwane.


Akakho ongakhonza amakhosi amabili, ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.


Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili).


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite