Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 1:12 - Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Akwambulwa kubo ukuthi babengazikhonzi bona, kodwa bakhonza thina ngalezo zinto esezishunyayelwa kini ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe ezulwini; okuyizinto izingilosi ezifisa ukuzibona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Bambulelwa ukuthi lokho ababekwenza babengazenzeli nje bona, kodwa kwakuqondene nani, njengokuba bakhuluma ngalezo zinto, nani esenizizwa ngabashumayela ivangeli kini ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, lezo zinto izingelosi ezilangazelela ukuzibona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Akwambulwa kubo ukuthi babengazikhonzi bona, kodwa bakhonza thina ngalezo zinto esezishunyayelwa kini ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe ezulwini; okuyizinto izingilosi ezifisa ukuzibona.

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 1:12
56 Referans Kwoze  

Kodwa nxa esefikile uMduduzi, engizamthuma kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, yena uzafakaza ngami.


ukuze khathesi kwababusi lamandla embusweni wezulu kwaziwe ngebandla ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okunengi okwehlukeneyo;


Kodwa uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya wakhe;


Ngokuba ivangeli lashunyayelwa nakithi njengabo;


Wathi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.


Kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade. Leli yizwi elashunyayelwa kini ngevangeli.


Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezilwane, namalunga;


ngobumsulwa, ngolwazi, ngokubekezela, ebubeleni, ngoMoya oNgcwele, ngothando olungazenzisiyo,


owasibeka uphawu futhi, wasinika isibambiso sikaMoya enhliziyweni zethu.


ngezibonakaliso zamandla lezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu; kangangokuthi kusukela eJerusalema nangazungeza kuze kufike e-Iliriku ngishumayele ngokugcwele ivangeli likaKristu.


Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje.


UNkulunkulu laye efakaza ngabo ngezibonakaliso, lezimanga, langezimangaliso ezitshiyeneyo, lezipho zikaMoya oNgcwele, njengokwentando yakhe?


ukwembula iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe; masinyane angibuzanga lutho ngenyama negazi.


Ngokuba nami angilamukelanga kumuntu, futhi angilifundiswanga, kodwa ngokwambulelwa nguJesu Kristu.


Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela ivangeli lokuthula, nabaletha ivangeli lezinto ezinhle!


Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwembulwa kulo, kuvela ekukholweni kuye ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: Olungileyo uyakuphila ngokukholwa.


Kanjalo, ngithi kini: Kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.


Ngalesosikhathi uJesu waphendula wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu lomhlaba, ngoba ukufihlile lezizinto kwabahlakaniphileyo labaqedisisayo, wazambulela izingane;


Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, umshikashika wethu nokushikashikeka kwethu, sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi muntu kini, sashumayela ivangeli likaNkulunkulu kini.


Base bemuka, badabula imizi, beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke.


Kwambulelwa kuye ngoMoya oNgcwele, ukuthi akayikubona ukufa, engakamboni uKristu weNkosi.


UJesu waphendula wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.


Zonke izinto zinikelwe kimi nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uBaba; kakho futhi omaziyo uYise, ngaphandle kweNdodana, njalo loba ngubani iNdodana ethanda ukumambulela kuye.


Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


Ngakho-ke njengoba ngikimi, ngizimisele ukushumayela ivangeli nakinina baseRoma.


Esewubonile umbono, sahle sazama ukuya eMakedoniya, sesibonile impela ukuthi iNkosi isibizile ukuba sishumayele ivangeli kubo.


UPetru esakhuluma lawo mazwi, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo bonke ababelizwa izwi.


Kwathi sebefakazile, beshumayela izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yamaSamariya.


Kwathi sebekhulekile, indawo ababebuthene kuyo yazamazama; basebegcwaliswa bonke ngoMoya oNgcwele, basebekhuluma ilizwi likaNkulunkulu ngesibindi.


UPetro egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo: Lina babusi babantu labadala bakoIsrayeli.


Futhi ngokungangabazeki inkulu imfihlakalo yokumesaba uNkulunkulu: UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, wakholeka emhlabeni, wemukelwa enkazimulweni.


Ngoba ngenxa yalokhu ivangeli latshunyayelwa lakwabafileyo, ukuze bahlulelwe ngokwabantu enyameni, kodwa baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite