Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 1:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Ngiyakuqothula abantu nezilwane, ngiqothule izinyoni zezulu nezinhlanzi zaselwandle, ngikhubekise ababi, nginqume abantu ebusweni bomhlaba,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 “Ngiyakuqeda nya abantu nezilwane, ngishabalalise izinyoni zezulu nezinhlanzi zasolwandle. Ngiyakuqeda ababi kanye nezikhubekiso ngibaqothule abantu ebusweni bomhlaba,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngiyakuqeda abantu nezilwane; ngiyakuqeda izinyoni zezulu, nezinhlanzi zolwandle, nezikhubekiso zababi; futhi ngiyonquma umuntu ezweni,” kusho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 1:3
22 Referans Kwoze  

Ngalokho izwe liyakudabuka, bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.


Bayakuphonsa isiliva labo ezitaladini, igolide labo libe yinto engcolileyo, isiliva labo negolide labo kungabi namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo kaJehova; abayikusuthisa imiphefumulo yabo, bangagcwalisi izibilini zabo, ngokuba kade kuyisikhubekiso sobubi babo.


“Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngawe, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.


Ngokuba ngithi kini: Anisayikungibona nize nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”


“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “nginqume amagama ezithombe ezweni, zingabe zisakhunjulwa, ngidlulise abaprofethi nawomoya abangcolileyo ezweni.


Efrayimi, ngisenendabani nezithombe na? Mina ngiyakumphendula, ngimbheke; nginjengomsayipuresi* oluhlaza, kimina izithelo zakho ziyafunyanwa.”


I-Asiriya aliyikusisindisa, asisayikukhwela amahhashi, singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu, ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.”


Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khona izinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi: “Akayikubona ukugcina kwethu.”


Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu, lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe, lapho enza ukuba onke amatshe e-altare avithizeke njengamatshe omcako, kungabe kusamiswa o-Ashera* nama-altare empepho.


Ngokuba ebebakhonza phambi kwezithombe zabo, aba yisikhubekiso sobubi kuyo indlu yakwa-Israyeli, ngalokho ngiphakamisile isandla sami kuwo, isho iNkosi uJehova, athwale ububi bawo.


INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,


Ngase ngithi: “Nkosi, koze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, nezindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba uchitheke ube yize,


uJehova aze adedisele kude abantu, nencithakalo ibe nkulu ezweni.


Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila, namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo, kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


Ngokuba kukhuphukela kulo isizwe sivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.


UJehova wathi: “Abantu engibadalileyo ngizakubachitha ebusweni bomhlaba, yebo, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngibenzile.”


“ ‘Ngalokho isho njalo iNkosi uNkulunkulu, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululwa kule ndawo phezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba, kuvuthe kungacimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite