Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 1:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi likaJehova elafika kuZefaniya indodana kaKushi kaGedaliya ka-Amariya kaHezekiya ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Izwi likaSimakade elafika kuZefaniya, indodana kaKushi kaGedaliya, ka-Amariya kaHezekiya, ezinsukwini zokubusa kukaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, lathi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izwi likaJehova elafika kuZefaniya, indodana kaKushi, indodana kaGedaliya, indodana ka-Amariya, indodana kaHezekiya, ezinsukwini zikaJosiya, indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda.

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 1:1
12 Referans Kwoze  

okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe;


Sesinalo izwi lesiprofetho eliqinisekile kakhulu, enenza kahle ukuliqaphela kungathi liyisibani esikhanyayo endaweni emnyama kuze kuse, ikhwezi liphumele ezinhliziyweni zenu,


Izwi likaJehova elafika kuHoseya indodana kaBeri ezinsukwini zawo-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.


izwi likaJehova lafika kuHezekeli umpristi, indodana kaBuzi, ezweni lamaKaledi ngasemfuleni iKhebari. Isandla sikaJehova sasiphezu kwakhe lapho.


“Kusukela emnyakeni weshumi nantathu kaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube namuhla, le minyaka engamashumi amabili nantathu izwi likaJehova lifikile kimi, ngalikhuluma, ngilisho kini njalonjalo, kepha kanilalelanga.”


Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni,


UManase wayeselala koyise, wembelwa ensimini yendlu yakhe, insimu ka-Uza; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


UManase wayeselala koyise; bammbela endlini yakhe; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waphuma kule ndawo, ukuthi: “Akasayikubuyela lapha,


Wembelwa ethuneni lakhe ensimini ka-Uza; uJosiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite