Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 4:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi: “Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa-Israyeli, ucebe e-Efratha, ube nodumo eBetlehema;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Bonke abantu ababelapho esangweni, namalunga, basho ngazwi linye bathi: “Singofakazi. Sengathi uSimakade angamenza lona wesifazane ozohlala endlini yakho abe njengoRaheli noLeya, bobabili abayakha indlu ka-Israyeli. Sengathi ungaba nempumelelo e-Efratha ube nodumo eBhethlehema.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Bonke abantu ababesesangweni namadoda amakhulu bathi: “Singofakazi.” UJehova makenze owesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli nanjengoLeya abakha indlu yakwa-Israyeli bobabili; wenza kahle e-Efrati, waduma eBetlehema.

Gade chapit la Kopi




URuthe 4:11
24 Referans Kwoze  

ULeya wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uRubeni, ngokuba wathi: “UJehova ubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.”


“ ‘Nawe Betlehema, lizwe lakwaJuda, kawusiye omncane nakanye kubabusi bakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe umbusi oyakwalusa isizwe sami u-Israyeli.’ ”


“Kepha wena Betlehema Efratha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”


Bheka, sizwile ngakho e-Efratha, sakufumana ezweni laseJari.


Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi, amagama amadodana akhe amabili ayengoMahaloni noKiliyoni; babe ngama-Efratha aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona.


umkamfowabo uyakufika kuye phambi kwamalunga, akhumule isicathulo onyaweni lwakhe, amkhafulele ebusweni bakhe, aphendule athi: ‘Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu ongayakhi indlu yomfowabo.’


Bambusisa uRebeka, bathi kuye: “Dadewethu, yiba wena izinkulungwane zezigidi, inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo.”


Owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe, kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.


U-Efroni wayehlezi phakathi kwabantwana bakwaHeti: u-Efroni umHeti wamphendula u-Abrahama ezindlebeni zabantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe, wathi:


Kwathi ekuseni, bheka, kunguLeya; wayesethi kuLabani: “Kuyini lokhu okwenzile kimi na? Angikusebenzelanga ngoRaheli na? Ungikhohliseleni na?”


Indoda yakhe iyaziwa emasangweni, lapho ihlezi namalunga ezwe.


ULabani wayenamadodakazi amabili; igama lenkulu lalinguLeya, igama lencane lalinguRaheli.


Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.


Amadodana kaRaheli ayengoJosefa noBenjamini.


“Uma umuntu engathandi ukumthatha umkamfowabo, umkamfowabo uyakukhuphukela kumalunga esangweni, athi: ‘Umfowabo wendoda yami uyala ukuvusela umfowabo igama kwa-Israyeli; akathandi ukungingena.’


Wayeseloba izincwadi egameni lika-Ahabi, wazinamathelisa ngophawu lwakhe, wazithuma izincwadi kumalunga nakwabakhulu ababesemzini wakhe, abakhe kanye noNaboti.


noSalima uyise kaBetlehema, noHarefi uyise kaBeti Gaderi.


Ngaloba incwadi, ngayinamathelisa, ngazifakazisela, ngamlinganisela imali ngesilinganiso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite