Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 4:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 NoRuthe wakwaMowabi umkaMahaloni ngimthengile abe ngumkami ukuvusa igama lofileyo efeni lakhe ukuba igama lofileyo linganqunywa phakathi kwabafowabo nasesangweni lendawo yakhe; nina ningofakazi namuhla.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 NoRuthi wakwaMowabi umkaMahaloni ngimngenile ukuba abe ngumkami, ngivuse igama likamufi nefa lakhe ukuze angacinywa ezincwadini zomuzi nasemndenini. Namuhla nonke ningofakazi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Futhi ngathenga uRuthe, umMowabi, umkaMagiloni, ukuba abe ngumkami, ukuze ngivuse igama lofileyo efeni lakhe, ukuze igama lofileyo linganqunywa phakathi kwabafowabo naphakathi kwabafowabo. Isango lendawo yakhe: ningofakazi namuhla.

Gade chapit la Kopi




URuthe 4:10
19 Referans Kwoze  

Kuyakuthi izibulo alizalayo lilandele egameni lomfowabo ofileyo ukuba igama lakhe lingesulwa kwa-Israyeli.


Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.


Bese nithi-ke: ‘Ngani na?’ Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho omkhohlisile wena, noma engumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho.


“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “nginqume amagama ezithombe ezweni, zingabe zisakhunjulwa, ngidlulise abaprofethi nawomoya abangcolileyo ezweni.


UJakobe wabalekela ezweni lase-Aramu, u-Israyeli wakhonzela umfazi, walusa umhlambi ngenxa yomfazi.


Ngase ngizithengela yena ngezinhlamvu eziyishumi nanhlanu zesiliva, nangehomere* lebhali,* nangenxenye yehomere lebhali,


nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi, nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso; igama lakhe nga linganqunywanga, lachithwa ngaphambi kwami.”


Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise, kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.


Ofumana umfazi uthola okuhle; uzuzile isisa kuJehova.


Mabeme phambi kukaJehova njalo, kunqunywe isikhumbuzo sabo emhlabeni.


Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayakukuzwa, basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; uyakwenzela ntoni igama lakho elikhulu na?”


Qeda isonto lalona, sikuphe nomunye ngomsebenzi osezakuwusebenza kimi eminye iminyaka eyisikhombisa.”


UBowazi wayesethi kumalunga nakubantu bonke: “Ningofakazi namuhla ukuthi ngithengile konke okwakungokuka-Elimeleki, nakho konke okwakungokukaKiliyoni nokukaMahaloni esandleni sikaNawomi.


U-Onani wayekwazi ukuthi inzalo ayiyikuba ngeyakhe; kwathi nxa engena kumkamfowabo, wachitha emhlabathini ukuba angamniki umfowabo inzalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite