Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 4:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UBowazi wenyukela esangweni, wahlala phansi khona; bheka, umhlengi akhuluma ngaye uBowazi, wadlula; wathi kuye: “We wena sibanibani, phambuka, uhlale lapha.” Waphambuka, wahlala phansi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UBhowazi wenyukela esangweni, wahlala khona; uyabona-ke, kwedlula umhlengi ayekade ekhulume ngaye, wayesethi kuye: “Ake uze ngapha, mnewethu, uhlale phansi.” Waya kuye, wahlala phansi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UBhowazi wayesekhuphukela esangweni, wahlala khona; owathi kuye: O, onjalo! phambuka, uhlale lapha. Wasuka wahlala phansi.

Gade chapit la Kopi




URuthe 4:1
21 Referans Kwoze  

Yebo, kuqinisile ukuthi ngingumhlengi, kepha kukhona umhlengi omkhulu kunami.


“Uma umuntu engathandi ukumthatha umkamfowabo, umkamfowabo uyakukhuphukela kumalunga esangweni, athi: ‘Umfowabo wendoda yami uyala ukuvusela umfowabo igama kwa-Israyeli; akathandi ukungingena.’


“Uyakuzikhethela abahluleli nezinduna emasangweni akho onke uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona njengezizwe zakho; bayakwahlulela abantu babo ngokwahlulela okulungileyo.


Zondani okubi, nithande okuhle, nimise ukwahlulela esangweni; mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomusa kuyo insali yakwaJosefa.


uma ngiphakamisele intandane isandla sami, ngokuba ngabona usizo lwami esangweni,


“Lapho ngaphuma ngaya esangweni ngasemzini, ngalungisa isihlalo sami esigcawini,


uyise nonina bayakuyibamba, bayiyise kumalunga omuzi wakubo nasesangweni lendawo yakubo,


“Hheyi, hheyi, balekelani izwe lasenyakatho!” usho uJehova, “ngokuba nginihlakazile njengemimoya yomine yezulu,” usho uJehova.


“We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali, yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho.


uyakukhiphela lowo wesilisa noma lowo wesifazane owenze leyo nto embi emasangweni akho, lowo wesilisa noma lowo wesifazane umkhande ngamatshe ukuba afe.


U-Efroni wayehlezi phakathi kwabantwana bakwaHeti: u-Efroni umHeti wamphendula u-Abrahama ezindlebeni zabantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe, wathi:


OHamori noShekemi indodana yakhe beza ngasesangweni lomuzi, bakhuluma namadoda omuzi wabo, bathi:


“ ‘Obalekelayo komunye waleyo mizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi, angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo.


Wathi: “Hlala, ndodakazi yami, uze wazi ukuba le ndaba iyakuphethelaphi, ngokuba leyo ndoda ayiyikuphumula ingakaqedi indaba namuhla.”


U-Abisalomu wavuka ekuseni, wema ngaseceleni kwendlela yesango; kwakuthi wonke umuntu onecala eliya enkosini ukuba lithethwe, u-Abisalomu wambiza wathi: “Ungowamuphi umuzi na?” athi: “Inceku yakho ingowesinye sezizwe zakwa-Israyeli.”


Inkosi yakwa-Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda babehlezi, kwaba yilowo nalowo esihlalweni sakhe sobukhosi, bembethe izambatho zabo, behlezi esibuyeni ngasesikhaleni sesango laseSamariya; bonke abaprofethi baprofetha phambi kwabo.


Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; izidakwa ziyangihaya.


Indoda yakhe iyaziwa emasangweni, lapho ihlezi namalunga ezwe.


Ngaloba incwadi, ngayinamathelisa, ngazifakazisela, ngamlinganisela imali ngesilinganiso.


Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza; wakhothamela emhlabathini ngobuso,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite