Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 3:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Yebo, kuqinisile ukuthi ngingumhlengi, kepha kukhona umhlengi omkhulu kunami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Impela kuliqiniso ukuthi ngiyisihlobo sakho, kodwa kukhona omunye umhlengi oseduze kakhulu kunami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Manje kuyiqiniso ukuthi ngiyisihlobo sakho segazi esiseduze nawe; kodwa kukhona isihlobo esiseduze kunami.

Gade chapit la Kopi




URuthe 3:12
7 Referans Kwoze  

UBowazi wenyukela esangweni, wahlala phansi khona; bheka, umhlengi akhuluma ngaye uBowazi, wadlula; wathi kuye: “We wena sibanibani, phambuka, uhlale lapha.” Waphambuka, wahlala phansi.


ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambili, saqinisa.


Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.


Manje, ndodakazi yami, ungesabi; ngiyakukwenzela konke okushoyo, ngokuba wonke umuzi wabantu bakithi uyazi ukuthi ungowesifazane olungileyo.


Hlala lobu busuku; kuyakuthi ekuseni, uma ekuhlenga, kulungile, makakuhlenge; kepha uma engathandi ukukuhlenga, mina ngiyakukuhlenga, kuphila kukaJehova; lala kuze kuse.”


UNawomi wathi kumalokazana wakhe: “Makabusiswe nguJehova ongayekanga umusa wakhe kwabaphilileyo nakwabafileyo.” UNawomi wathi kuye: “Lowo muntu uyisihlobo sethu, ungowabahlengi bethu.”


bengithi ngiyakukwambulela kuwe, ngithi: Lithenge phambi kwabahleziyo lapha naphambi kwamalunga abantu bakithi; uma ulithenga, lihlenge; kepha uma ungalithengi, ngitshele ukuba ngazi, ngokuba akakho ongalihlenga ngaphandle kwakho, mina ngisemva kwakho.” Wayesethi: “Ngiyakulihlenga.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite