Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UNawomi uninazala wathi kuye: “Ndodakazi yami, angiyikukufunela ukuphumula ukuba kube kuhle kuwe na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UNawomi, uninazala kaRuthi, wathi kuye: “Ndodakazi yami, ngingakufuneli yini umuzi ukuze konke kukuhambele kahle, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wayesethi uNawomi uninazala kuye: “Ndodakazi yami, angiyikukufunela ukuphumula ukuba kube kuhle kuwe na?

Gade chapit la Kopi




URuthe 3:1
10 Referans Kwoze  

UJehova makaninike ukuba nifumane ukuphumula, kube yilowo nalowo endlini yomyeni wakhe.” Wayesebanga, badazuluka, bakhala.


Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.


Ngakho-ke ngithanda ukuba abafelokazi abasha bagane, bazale abantwana, baphathe indlu yabo, bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.


Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uyakuba nenhlanhla nempumelelo.


Kepha uma umuntu ethi wenza okungafanele ngakuyo indodakazi yakhe, uma isikhulile ngeminyaka, akenze akubonayo, uma kumelwe ukuba kwenziwe kanjalo; akoni; mabaganane.


Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.”


Kepha ngikhumbule, nxa usuhlezi kahle, ungenzele umusa, ungibike kuFaro, ungikhiphe kule ndlu.


Wayesenamathela-ke kuwo amantombazana kaBowazi ukukhothoza kwaze kwaba sekugcineni kokuvunwa kwebhali* nokukakolweni; wahlala-ke noninazala.


Angithi uBowazi owawunamantombazana akhe uyisihlobo sethu na? Bheka, uyela ibhali* kusihlwa esibuyeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite