Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 2:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Wayesewa ngobuso bakhe, wakhothamela emhlabathini, wathi kuye: “Ngifumaneleni umusa emehlweni akho ukuba unginake, lokhu ngingowezizwe, na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 URuthi wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, wathi kuBhowazi: “Yini ukuba ube nomusa ongaka, uze unginakekele kangaka ngibe ngingowezizwe, na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wawa ngobuso bakhe, wakhothamela emhlabathini, wathi kuye: “Ngitholeni umusa emehlweni akho ukuba ungangazi, lokhu ngingowezizwe na?”

Gade chapit la Kopi




URuthe 2:10
19 Referans Kwoze  

Lapho u-Abigayili embona uDavide, washesha wehlika embongolweni yakhe, wawa ngobuso phambi kukaDavide, wakhothamela phansi.


Wathi: “Mangifumane umusa emehlweni akho, nkosi, ngokuba ungiduduzile nangokuba ukhulume kahle kuyo incekukazi yakho, noma ngingenjengenye yezincekukazi zakho.”


thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane;


ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe. Bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe.


Ngehlelwe kanjani yilokhu ukuba unina weNkosi yami ahambele kimi na?


Ngokuba yonke indlu kababa yayinjengabantu abafileyo phambi kwenkosi yami, inkosi; kepha wayibeka inceku yakho phakathi kwabadla etafuleni lakho. Ngisenalungelo lini ukuba ngibuye ngikhale enkosini na?”


Wakhuleka wathi: “Iyini inceku yakho ukuba ubheke inja efileyo njengami na?”


Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa;


URuthe wakwaMowabi wathi kuNawomi: “Mangihambe, ngiye ensimini, ngikhothoze ezikhwetshini emva kwalowo engiyakufumana umusa emehlweni akhe.” Wathi kuye: “Hamba, ndodakazi yami.”


Waphakamisa amehlo akhe, wabuka; bheka, amadoda amathathu ayemi phambi kwakhe; wathi ukuba awabone, wasuka emnyango wetende, wagijima ukuwahlangabeza, wakhothama,


Amehlo akho mawabe sensimini ayivunayo, uwalandele; angithi ngiyalile abafana ukuba bangakuthinti na? Nxa womile, yana ezitsheni, uphuze lokho abakukhileyo abafana.”


UBowazi waphendula, wathi kuye: “Kubikiwe kimi konke omenzele khona unyokozala selokhu afa umyeni wakho nokuthi ushiyile uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, weza kubantu ongabazanga ngaphambili.


Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu, umthande njengalokhu uzithanda wena, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Uninazala wathi kuye: “Ukhothozephi namuhla na? Usebenzephi? Makabusiswe lowo okunakileyo.” Wamtshela uninazala ukuthi ubesebenza kubani, wathi: “Igama lomuntu engisebenzile kuye namuhla linguBowazi.”


UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi: “Ngingubani, Nkosi Jehova, nendlu yami iyini, ukuze ungilethe kuze kube lapha, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite