Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 1:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wayesesuka nawomalokazana bakhe ukuba abuye ezweni lakwaMowabi, ngokuba wayezwile ezweni lakwaMowabi ukuthi uJehova uhambele abantu bakhe ukuba abaphe ukudla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Kuthe eselapho kwaMowabi, uNawomi wezwa ukuthi uSimakade ubahambele abantu bakhe wabapha ukudla, wayeselungiselela ukusuka lapho nomalokazana bakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wayeseqeda omalokazana bakhe ukubuya ezweni lakwaMowabi; ngokuba wezwa esezweni lakwaMowabi ukuthi uJehova uhambele abantu bakhe ngokubapha isinkwa.

Gade chapit la Kopi




URuthe 1:6
27 Referans Kwoze  

Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo; abampofu balo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.


Abamesabayo ubapha ukudla; ukhumbula njalo isivumelwano sakhe.


Abantu bakholwa-ke. Sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ukubonile ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.


“Hamba ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, ubonakele kimi, wathi: Nginihambele nokunihambela, ngibonile okwenziwa kini eGibithe.


zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”


“Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabenzela inkululeko.


usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla;


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile eBabele, ngiyakunihambela, ngiqinise phezu kwenu izwi lami elihle ngokunibuyisela kule ndawo.


Ngokuba njengokwehla kwemvula neqhwa ezulwini, kungabuyeli khona, kepha kuwunethisa umhlaba, kuwenze ukuba uthele, uhlume, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo nodlayo isinkwa,


Ugu luyakuba ngolwensali yendlu yakwaJuda, yaluse kulo; ezindlini zase-Ashikeloni bayakubuthisa kusihlwa, ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela, abuyise ukuthunjwa kwabo.


obenzela abacindezelweyo ukwahlulela, obapha abalambileyo ukudla; uJehova uyakhulula iziboshwa.


Amehlo abo bonke alinda wena; uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso.


UJehova wamhambela uHana; wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova.


UJosefa wayesefungisa amadodana ka-Israyeli, ethi: “UNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, nina nikhuphule amathambo ami lapha.”


Wambusisa uJosefa, wathi: “UNkulunkulu abahamba ebusweni bakhe obaba o-Abrahama no-Isaka, uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwami kuze kube namuhla,


UJakobe wenza isithembiso, wathi: “Uma uNkulunkulu eyakuba nami, angilondoloze kule ndlela engihamba ngayo, angiphe isinkwa sokudliwa nezingubo zokwembatha,


UJehova wamhambela uSara njengokusho kwakhe; UJehova wenza kuSara njengalokho ekhulumile.


nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.


Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho; uyakusuthisa ngokolweni omuhle.


Dedisela kude nami okuyize namanga, unganginiki ubumpofu nengcebo, kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo,


OMahaloni noKiliyoni bafa bobabili; owesifazane washiywa-ke ngabantwana bakhe ababili nangumyeni wakhe.


Waphuma endaweni lapho wayekhona, omalokazana bakhe benaye; bahamba ngendlela yokubuyela ezweni lakwaJuda.


Ngokuba izinceku zalo ziyathokoza ngamatshe alo, zihawukele uthuli lwalo.


UJehova waphendula, wathi kubantu bakhe: “Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha, nisuthe ngakho, ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite