Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 1:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Wathi: “Bheka, umnakwenu usebuyele kwabakubo nakunkulunkulu wakhe; buya nawe, umlandele umnakwenu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 UNawomi wathi kuye: “Uyabona ukuthi umnakwenu usephindele kwabakubo nakonkulunkulu bakhe, nawe mlandele ubuyele kwabakini.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wathi: “Bheka, umnakwenu usebuyele kubantu bakubo nakonkulunkulu bakubo; buyela emuva ulandele umakoti wakho.

Gade chapit la Kopi




URuthe 1:15
16 Referans Kwoze  

Awuyikudla lelo uKemoshi unkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle na? Kanjalo bonke uJehova, uNkulunkulu wethu, abaxosha phambi kwethu, siyalidla elabo.


nababuyile ekumlandeleni uJehova, nabangamfunanga uJehova bengabuzanga ngaye.


U-Eliya wathi ku-Elisha: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eBethele.” Kepha u-Elisha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, angiyikukushiya.” Behlela-ke eBethele.


Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”


Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.


kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye.


Base besondela emzaneni ababeya kuwo yena washaya sengathi udlulela phambili.


Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso; ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.


UJoshuwa wathi kubantu: “Aninakumkhonza uJehova, ngokuba unguNkulunkulu ongcwele; unguNkulunkulu onomhawu, akayikuthethelela iziphambeko zenu nezono zenu.


Badazuluka, baphinda bakhala; u-Orpa wamanga uninazala, kepha uRuthe wanamathela kuye.


Kepha uRuthe wathi: “Ungangincengi ukuba ngikushiye, ngibuye, ngingakulandeli, ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona, ngiyakuhlala khona nami; abantu bakho bayakuba ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.


Wathi kuye: “Angiyikuhamba; kepha ngiyakusuka, ngiye ezweni lakithi nasezihlotsheni zami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite