Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 1:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Badazuluka, baphinda bakhala; u-Orpa wamanga uninazala, kepha uRuthe wanamathela kuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Baphinda badazuluka bakhala; u-Orpha wamanga uninazala, kodwa uRuthi wanamathela kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Basebephakamisa izwi labo, bakhala futhi, u-Orpa wamanga uninazala; kodwa uRuthe wamgcina.

Gade chapit la Kopi




URuthe 1:14
22 Referans Kwoze  

Umuntu wabangane uyazilimaza, kepha kukhona abangane ababambelela kuneselamani.


Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


“Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele;


Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.


Yathi insizwa ukuba izwe leli zwi, yamuka idabukile, ngokuba yayinengcebo enkulu.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: ‘Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”


Ngokuba uJehova uyakumhawukela uJakobe, abuye amkhethe u-Israyeli, ababeke ezweni lakubo; nabafokazi bayakuzihlanganisa nabo, banamathele endlini kaJakobe.


Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.


Wayeseshiya izinkabi, wagijima wamlandela u-Eliya, wathi: “Ake ngange ubaba nomame, bese ngikulandela.” Wathi kuye: “Hamba, ubuyele emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?”


Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.


Ngokuba uDema wangishiya ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreste waya eGalathiya, uThithu eDalmathiya;


Kepha amadoda athile anamathela kuye, akholwa; phakathi kwawo kwakukhona noDiyonisiyu wase-Areyophagu, nowesifazane ogama lakhe linguDamari, nabanye kanye nabo.


ULabani wavuka ekuseni, wawanga amadodana akhe namadodakazi akhe, wawabusisa; wayesehamba uLabani, wabuyela endaweni yakhe.


Awungivumelanga ukuba ngange amadodana ami namadodakazi ami. Untumazele ngalokho.


Kodwa nina enanamathela kuJehova uNkulunkulu wenu nisekhona nonke nanamuhla.


beningawahlalela aze abe ngakhulileyo na? Beniyakuzivimbela ningabi namadoda na? Hhayi, madodakazi ami, kumunyu kimi ngenxa yenu, ngokuba isandla sikaJehova siphumele kimi.”


Wathi: “Bheka, umnakwenu usebuyele kwabakubo nakunkulunkulu wakhe; buya nawe, umlandele umnakwenu.”


Bonke abantu bawela iJordani, nenkosi yawela; inkosi yamanga uBarizilayi, yambusisa; wabuyela endaweni yakhe.


Waphuma endaweni lapho wayekhona, omalokazana bakhe benaye; bahamba ngendlela yokubuyela ezweni lakwaJuda.


UBowazi waphendula, wathi kuye: “Kubikiwe kimi konke omenzele khona unyokozala selokhu afa umyeni wakho nokuthi ushiyile uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, weza kubantu ongabazanga ngaphambili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite