Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 9:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Nalapho ifu lihlala phezu kwetabernakele izinsuku eziningi, abantwana bakwa-Israyeli bagcina isiyalezo sikaJehova, abahambanga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Nalapho ifu lihleli phezu kwethabanakeli izinsuku eziningi, abakwa-Israyeli babesigcina isiyalo sikaSimakade, bangahambi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Lapho ifu lihlala phezu kwetabernakele izinsuku eziningi, abantwana bakwa-Israyeli bagcina inkonzo kaJehova, abasukanga.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 9:19
7 Referans Kwoze  

“Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami, uyakwahlulela endlini yami, ugcine namagceke ami; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.


Bayakugcina yonke impahla yetende lokuhlangana nezimfanelo zabantwana bakwa-Israyeli ukwenza inkonzo yetabernakele.*


Kepha uma ifu lingenyuswanga, babengaqhubeki kwaze kwafika usuku lokwenyuswa kwalo.


Ngasemnyango wetende lokuhlangana niyakuhlala imini nobusuku izinsuku eziyisikhombisa, nisigcine isiyalezo sikaJehova, ukuze ningafi, ngokuba ngiyaliwe kanjalo.”


Ngesiyalezo sikaJehova abantwana bakwa-Israyeli bahamba, nangesiyalezo sikaJehova bamisa; ngesikhathi ifu lihlala phezu kwetabernakele bahlala ekamu.*


Ngesinye isikhathi ifu laliphezu kwetabernakele izinsuku eziyingcosana nje; khona ngesiyalezo sikaJehova bahlala ekamu,* nangesiyalezo sikaJehova bahamba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite