Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 9:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngosuku itabernakele* elamiswa ngalo ifu lalisibekela itabernakele, itende lobufakazi; ngakusihlwa laliphezu kwetabernakele njengokubonakala komlilo kwaze kwaba sekuseni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Ngosuku okwamiswa ngalo ithabanakeli, ifu lalilisibekela ithabanakeli nethende lobufakazi; kusihlwa laliba phezu kwethabanakeli libonakale njengomlilo kuze kube sekuseni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngosuku lokumiswa kwetabernakele ifu lasibekela itabernakele eliyitende lobufakazi;

Gade chapit la Kopi




UNumeri 9:15
21 Referans Kwoze  

UJehova wahamba phambi kwabo emini ngensika yefu eyobahola endleleni, nasebusuku ngensika yomlilo eyobakhanyisela ukuba bahambe imini nobusuku.


Ifu lase lisibekela itende lokuhlangana, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.


Wabahola ngefu emini, nobusuku bonke ngokukhanya komlilo.


nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni, nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.


Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle;


UJehova uyakudala phezu kwayo yonke indawo yentaba yaseSiyoni naphezu kwemihlangano yayo ifu nomusi emini nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku, ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyakuba khona isivikelo.


Wendlala ifu lokubasibekela, nomlilo wokukhanyisa ebusuku.


Wabahola ngensika yefu emini nangensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.


babatshele abakhe kuleli zwe; bezwile ukuthi wena Jehova uphakathi kwalaba bantu, babonane nawe Jehova ubuso nobuso; ifu lakho limi phezu kwabo, wena uhamba phambi kwabo usensikeni yefu emini nasensikeni yomlilo ebusuku.


Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini, nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa-Israyeli ezinkambeni zabo zonke.


“Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala wolimisa itabernakele* letende lokuhlangana.


Kwathi ngomlindo wokusa uJehova walunguza impi yabaseGibithe, esensikeni yomlilo neyefu, wayidunga impi yabaseGibithe.


Insika yefu emini nensika yomlilo ebusuku ayisukanga ebusweni babantu.


Ifu likaJehova laliphezu kwabo emini, lapho besuka ekamu.*


UMose wazibeka izintonga phambi kukaJehova etendeni lobufakazi.


owahamba phambi kwenu endleleni ukunifunela indawo ukuba nimise kuyo amatende enu, ngomlilo ebusuku ukunibonisa indlela ebeniyakuhamba ngayo, nangefu emini.


UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite