Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 8:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Bathabathe iduna nomnikelo walo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwe namafutha; nelinye iduna uyakulithabatha libe ngumnikelo wesono.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Bayothatha iduna nomnikelo wokusanhlamvu, impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha. Uyothatha iduna lesibili libe ngumnikelo wesono.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Khona-ke mabathathe iduna nomnikelo walo wokudla, ufulawa ocolekileyo oswakanyiswe namafutha, futhi kumelwe uthathe elinye iduna libe ngumnikelo wesono.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 8:8
12 Referans Kwoze  

“ ‘Nxa umuntu enikela ngomnikelo wempuphu kuJehova, umnikelo woba yimpuphu ecolekileyo, athele amafutha kuwo, abeke inhlaka kuwo,


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,


Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo; lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala, iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo.


U-Aroni kangene endaweni engcwele nalokhu: iduna, libe ngumnikelo wesono, nenqama, ibe ngumnikelo wokushiswa,


“Thabatha u-Aroni namadodana akhe kanye naye, nezambatho, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono, nezinqama zombili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,


lapho isono abone ngaso sesaziwe, ibandla liyakunikela ngeduna libe ngumnikelo wesono, lililethe phambi kwetende lokuhlangana.


uma kungumpristi ogcotshiweyo owone kanjalo, aze ehlisele abantu icala, wonikela kuJehova ngesono sakhe one ngaso iduna elingenasici, kube ngumnikelo wesono,


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova.


Uyakukufaka eqomeni linye, ukulethe ngeqoma kanye nenkunzi nezinqama zombili;


“Yilokhu oyakukwenza kubo ukubahlukanisa ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi: thabatha iduna nezinqama ezimbili ezingenasici,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite