Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 8:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngokuba onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane; mhla ngishaya amazibulo onke ezweni laseGibithe ngazingcwelisela wona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Wonke amazibulo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane, ngazehlukanisela wona kusukela mhla ngibulala amazibulo wonke eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngokuba ngawami onke amazibulo abantwana bakwa-Israyeli, abantu nawezilwane; mhla ngibulala amazibulo onke ezweni laseGibithe, ngawangcwelisela kimi.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 8:17
18 Referans Kwoze  

“Ngahlukanisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, kubantu nasezinkomeni; kungokwami.”


njengokulotshiwe emthethweni weNkosi ukuthi: “Konke okwesilisa okuyizibulo kuyakuthiwa okwahlukaniselwe iNkosi”,


Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe.


Ngokukholwa wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angathinti amazibulo abo.


pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso.


nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni, ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu,’ na?


Ngabanika futhi amasabatha ami abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguJehova obangcwelisayo.


Washaya amazibulo aseGibithe, awabantu kanye nawezilwane.


Washaya namazibulo onke ezweni lakubo, okokuqala kwamandla abo.


Washaya amazibulo onke aseGibithe, okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu.


Ngokuba onke amazibulo angawami; ngalolo suku engabulala ngalo onke amazibulo ezweni laseGibithe ngazingcwelisela amazibulo onke kwa-Israyeli, awabantu nawezilwane; ayakuba ngawami; nginguJehova.”


“ ‘Kepha izibulo lezilwane elenziwe libe yizibulo kuJehova aliyikungcweliswa muntu; noma liyinkabi noma liyimvu, lingelikaJehova.


“Ngiyakungcwelisa itende lokuhlangana kanye ne-altare, ngingcwelise no-Aroni namadodana akhe ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.


Kwathi phakathi kwamabili uJehova wabulala onke amazibulo ezweni laseGibithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lesiboshwa esasisetilongweni, kanye namazibulo onke ezinkomo.


Ngithabathile amaLevi esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite