Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 8:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 u-Aroni azulise amaLevi phambi kukaJehova abe ngumnikelo wokuzuliswa ovela kubantwana bakwa-Israyeli, aze asebenze umsebenzi kaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 U-Aroni uyobaletha abaLevi phambi kukaSimakade babe ngumnikelo wokuzungeziswa ovela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi kaSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 U-Aroni kumelwe alethe amaLevi phambi kukaJehova abe ngumhlatshelo wabantwana bakwa-Israyeli, ukuze bafeze inkonzo kaJehova.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 8:11
9 Referans Kwoze  

izandla zakhe uqobo zilethe iminikelo yomlilo kaJehova, alethe amanoni kanye nesifuba ukuba isifuba sizuliswe, sibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.


umpristi akuzulise, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; lokhu kungcwele kumpristi kanye nesifuba sokuzuliswa nethanga lokuphakanyiswa; emva kwalokho umNaziri angaphuza iwayini.


UMose wathatha isifuba, wasizulisa saba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; sasiyisabelo sikaMose sasenqameni yokwahlukaniselwa, njengalokho uJehova emyalile uMose.


wakubeka konke ezandleni zika-Aroni, nasezandleni zamadodana akhe, wakuzulisa kwaba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.


ubeke konke ezandleni zika-Aroni nasezandleni zamadodana akhe, ukuzulise kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.


Ngokuba isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa ngikuthabathe kwabakwa-Israyeli emihlatshelweni yeminikelo yabo yokuthula, ngakunika u-Aroni umpristi namadodana akhe, kube yisimiso esiphakade kwabakwa-Israyeli.’ ”


Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, sime phambi kukaJehova ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite