Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 7:62 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

62 nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

62 nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

62 Indebe eyodwa yegolide yamashekeli ayishumi, igcwele impepho;

Gade chapit la Kopi




UNumeri 7:62
11 Referans Kwoze  

Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.


Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


wokuba ngibe yisikhonzi sikaKristu Jesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu njengompristi, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukeleka kahle, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.


Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi isonto libe linye, imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto, kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu komchithi.”


Bayakuletha bonke abafowenu bebakhipha ezizweni zonke ngamahhashi, nangezinqola, nangezinhlaka, nangeminyuzi,* nangamakamela, babe ngumnikelo kaJehova, beze entabeni yami engcwele eJerusalema,” usho uJehova, “njengalokhu abantwana bakwa-Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.


Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.


Kuthe seliyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, kuyilelo nalelo linehabhu* nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.


Kwase kufika enye ingelosi, yema ngase-altare inesitsha segolide sempepho, yanikwa impepho eningi ukuba iyelekele emikhulekweni yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.


Kwase kwenyuka esandleni sengelosi umusi wempepho nemikhuleko yabangcwele phambi kukaNkulunkulu.


Unikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,


neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite