Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 6:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 uyakuzahlukanisa newayini nophuzo olunamandla, angaphuzi uviniga wewayini, noviniga wophuzo olunamandla, angaphuzi okwezithelo zomvini, futhi angadli izithelo zomvini ezimanzi nezomileyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 uyozehlukanisa newayini nophuzo olunamandla. Akayukuwuphuza uviniga wewayini, uviniga wophuzo olunamandla, akayukuphuza lutho lwezithelo zomvini, futhi akayukuwadla amagilebhisi asemasha noma omisiwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Angayeka iwayini nophuzo oludakayo, angaphuzi viniga wewayini noma uviniga wesiphuzo esinamandla, angaphuzi isiphuzo samagilebhisi, angadli izithelo zomvini ezimanzi noma izithelo zomvini ezomisiweyo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 6:3
15 Referans Kwoze  

Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.


Ungabe usaphuza amanzi odwa, kepha phuza iwayini eliyingcosana ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka bakho obuvamileyo.


Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


“Kepha naphuzisa amaNaziri iwayini, ngokuthi: ‘Ningaprofethi.’


Kangadli lutho oluvela ezithelweni zomvini, kangaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, kangadli lutho olungcolileyo; konke engamyaleza ngakho kakugcine.”


“Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho kanye nawe, nxa ningena etendeni lokuhlangana, ukuba ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.


dedani kukho konke okubonakala kukubi.


“Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele,


kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo, kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto.


Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe akayikudla lutho olwenziwe ngewayini lezithelo zomvini, kusukela ezimbumbulwini kuze kufike emakhasini.


Ngalokho ake uxwaye ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, ungadli lutho olungcolileyo,


Ngavusa kumadodana enu abaprofethi nasezinsizweni zenu amaNaziri.* Akunjalo, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite