Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 6:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 “Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe, uthi: ‘Niyakubusisa kanje abantwana bakwa-Israyeli, niyakusho kubo, nithi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 “Yisho ku-Aroni namadodana akhe, uthi kubo: ‘Niyakubabusisa abakwa-Israyeli, niyakuthi kubo:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Tshono kuAroni lakumadodana akhe uthi: Lizabusisa kanje abantwana bakoIsrayeli, uthi kibo:

Gade chapit la Kopi




UNumeri 6:23
27 Referans Kwoze  

Amadodana ka-Amramu: ngo-Aroni noMose; u-Aroni wahlukaniswa ukuba angcwelise izinto ezingcwelengcwele, yena namadodana akhe, kuze kube phakade, ukushisa impepho phambi kukaJehova, nokumkhonza, nokubusisa egameni lakhe kuze kube phakade.


abapristi, amadodana kaLevi, bayakusondela, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze, babusise egameni likaJehova; ngezwi labo konke ukuxabana nokushaya kuyakunqunywa;


Ngokuba uMelkisedeki lo, inkosi yaseSalema, umpristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abrahama mhla ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa;


Wayesebabusisa ngalolo suku ngokuthi: “Ngawe u-Israyeli uyakubusisa ethi: ‘UNkulunkulu makakwenze ube njengo-Efrayimi nanjengoManase.’ ” Wayesembeka-ke u-Efrayimi ngaphambi kukaManase.


Kuzakuba nathi umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuye uJesu Kristu iNdodana kaYise ngeqiniso nangothando.


Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.


UJosefa wayesemngenisa uJakobe uyise, wambeka phambi kukaFaro; uJakobe wambusisa uFaro.


bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.


Kepha akunakuphikwa ukuthi omncinyane ubusiswa ngomkhulu.


Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.


kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababiziweyo, abangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.


Bonke abakwa-Israyeli namalunga abo, nezinduna zabo, nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongolo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu, inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile, ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.


Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, sime phambi kukaJehova ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.


UJakobe wayesembusisa uFaro, wasuka ebusweni bukaFaro.


Nasi isibusiso uMose, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantwana bakwa-Israyeli, engakafi; wathi:


Bambusisa uRebeka, bathi kuye: “Dadewethu, yiba wena izinkulungwane zezigidi, inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo.”


UMose wabona wonke umsebenzi; bheka, babewenzile; njengalokho uJehova eyalile, bawenza kanjalo; uMose wababusisa.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Wema, wabusisa lonke ibandla lakwa-Israyeli ngezwi elikhulu, wathi:


Base besukuma abapristi namaLevi, bababusisa abantu; izwi labo lezwakala, nomkhuleko wabo wafika endaweni yakhe engcwele ezulwini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite