Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 4:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “Nanku umsebenzi wemindeni yamaGereshoni ngokukhonza nangokuthwala:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 “Nanku umsebenzi wemindeni kaGereshoni, ngowokukhonza nowokuthwala:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Lona ungumsebenzi wezizukulwane zamaGereshoni ukukhonza nokuthwala.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 4:24
12 Referans Kwoze  

Njengesiyalezo sikaJehova babalwa ngesandla sikaMose, yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe nangokomthwalo wakhe. Base bebalwa-ke, njengalokho uJehova emyalile uMose.


kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena ukwenza umsebenzi wenkonzo nomsebenzi wokuthwala etendeni lokuhlangana,


Ngesiyalezo sika-Aroni nangesamadodana akhe uyakwenziwa wonke umsebenzi wamadodana amaGereshoni emithwalweni yawo yonke nasemisebenzini yawo yonke; niwamisele yonke imithwalo yawo ezakugcinwa yiwo.


kepha ukuba baphile, bangafi, lapho besondela ezintweni ezingcwelengcwele, nenze kanje kubo: u-Aroni namadodana akhe bayakungena, babamise, kube yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe;


“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke yendlu engcwele, lapho ikamu* liyakusuka, emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala, kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe. Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.


Imfanelo yamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana iyakuba yitabernakele,* netende, nesimbozo salo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,


kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.


bayakuthwala izilenge zetabernakele,* netende lokuhlangana, nesimbozo salo, nesimbozo sesikhumba samatahasi* esiphezu kwalo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,


Izinqola ezimbili nezinkabi ezine wazinika amadodana kaGereshoni ngomsebenzi wawo,


nezilenge zegceke, neveli lomnyango wegceke elingasetabernakele* nangase-altare nxazonke, nezintambo zalo, nayo yonke inkonzo yalokho.


Itabernakele* lasuswa; amadodana kaGereshoni namadodana kaMerari asuka elithwala itabernakele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite