Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 4:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “Imfanelo ka-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi iyakuba ngamafutha okukhanyisa nempepho ethaphukayo, nomnikelo wempuphu wemihla yonke, namafutha okugcoba; imfanelo yakhe iyitabernakele* lonke nakho konke okukulo, indlu engcwele nezinto zayo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 “U-Eleyazare, indodana ka-Aroni umphristi, uyakulungisa amafutha okukhanyisa impepho ethaphukayo, umnikelo wokusanhlamvu wemihla ngemihla, namafutha okugcoba futhi anakekele ithabanakeli lonke nakho konke okukulo; indawo engcwele nempahla yayo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Esikhundleni sika-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, amafutha othi lwesibani, nempepho yamakha, nomnikelo wokudla wansuku zonke, namafutha okugcoba, nokuqondisa kwetabernakele lonke, nakho konke okukulo ethempelini. Indawo engcwele nasezintweni zayo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 4:16
20 Referans Kwoze  

namafutha okukhanyisa, namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo,


“Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo agxotshelwe ukukhanyisa, ukuba izibani zivuthe njalonjalo.


ngokuba beninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje seniphendukele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.


Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo,


kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.


Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu,


Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu,


Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.


Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe.


“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo,


U-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi uyakuba yisikhulu sezikhulu zamaLevi, abonise abagcina inkonzo yendlu engcwele.


“Nanku umnikelo ka-Aroni nowamadodana akhe abayakunikela ngawo kuJehova mhla begcotshwa: okweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu njalonjalo, inxenye yakho ekuseni nenxenye yakho kusihlwa.


Wawenza amafutha angcwele okugcoba, nempepho enhle yamakha athaphukayo, ngokobungcweti bomthaki.


namafutha okugcoba, nempepho yamakha athaphukayo yendawo engcwele, yebo, zenze njengakho konke engikuyale ngakho.”


UJehova wakhuluma futhi kuMose, wathi:


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite