Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 35:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Mayelana nemizi eniyakuyinika nithathe kulo izwe labantwana bakwa-Israyeli, kwabaningi nithathe eminingi, kwabayingcosana nithathe eyingcosana, yilowo nalowo anike amaLevi ngokuthatha kuyo imizi yakhe njengefa lakhe alidlayo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Imizi eniyobanika yona niyoyithatha kuso isabelo sabantu bakwa-Israyeli, kwesikhulu niyothatha eminingi, kwesincane nithathe eyingcosana. Yilowo nalowo uyonika abaLevi ngokuthi athathe emizini eyisabelo sefa lakhe alidlayo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Imizi eniyobanika yona kumelwe ivele efeni labantwana bakwa-Israyeli; Abanokuningi bapheni okuningi; kodwa kwabanokuncane, kufanele niphe okuncane; yilowo nalowo emizini yakhe kumelwe anike amaLevi ngokwefa laso elizuzwa njengefa.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 35:8
11 Referans Kwoze  

Niyakulidla izwe ngenkatho ngokwemindeni yakini, abaningi nibanike ifa elikhulu, nabayingcosana nibanike ifa elincane, nakuphi lapho inkatho imudla khona umuntu, kuzakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwe zawoyihlo.


Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.


Lapho sebelinganisa ngeyomere,* yena owayebuthe okuningi akabanga nokuseleyo, nowayebuthe okuyingcosana akaswelanga. Yilowo nalowo wabutha njengokudla kwakhe.


Makuqalekiswe ulaka lwabo, ngokuba lwalunamandla, nentukuthelo yabo, ngokuba yayinonya; ngizakubahlukanisa kwaJakobe, ngibasakaze kwa-Israyeli.


“ ‘Kodwa imizi yamaLevi, izindlu zemizi yefa lawo amaLevi angazihlenga noma nini.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Ngokuba amaLevi ashiya amadlelo awo nefa lawo, aya kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobowamu namadodana akhe bawalahla ukuba angabe esaba ngabapristi bakaJehova,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite