Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 35:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Imizi eniyakuyinika amaLevi iyakuba yimizi eyisithupha yokuphephela, eniyakuyinika umbulali ukuba abalekele kuyo; ngaphandle kwayo niyakuwanika imizi engamashumi amane nambili.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 “Imizi eniyoyinika abaLevi iyoba yimizi eyisithupha yokuphephela, lapho umbulali eyobalekela khona ukuba aphephe kuyo. Ngaphandle kwayo, niyobanika imizi engama-42.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Futhi phakathi kwemizi eniyoyinika amaLevi, kumelwe kube nemizi eyisithupha yesiphephelo, eniyoyimisela umuntu obulele, ukuze abalekele khona; naphezu kwalokho niyakwenezela imizi engamashumi amane nambili.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 35:6
18 Referans Kwoze  

Abantwana bakwa-Aroni, umpristi, babanika iHebroni kanye namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neLibina kanye namadlelo alo,


Abantwana bakwa-Israyeli base bewanika amaLevi efeni labo njengesiyalezo sikaJehova le mizi kanye namadlelo ayo.


UJehova uyinqaba yocindezelweyo, uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka.


Esizweni sakwaGadi: iRamoti kwaGileyadi namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neMahanayimi namadlelo alo,


Esizweni sakwaRubeni: iBeseri namadlelo alo, neJahasi namadlelo alo,


Esizweni sakwaNafetali: iKedeshi laseGalile namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neHamoti Dori namadlelo alo, neKaritani namadlelo alo, imizi mithathu.


Abantwana bakwaGereshoni bemindeni yamaLevi babelwa kuyo inxenye yesizwe sakwaManase iGolanu eBashani namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neBeyeshitera namadlelo alo, imizi mibili.


Bayinika iShekemi namadlelo alo ezintabeni zakwa-Efrayimi, umuzi wokuphephela wombulali, neGezeri namadlelo alo,


ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo,


“Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.


Kuyakuba khona idokodo, libe ngumthunzi ekushiseni kwemini nesiphephelo nesivikelo esivunguvungwini nasemvuleni.


Niyakulinganisa ngaphandle komuzi izingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasempumalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngaseningizimu, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasentshonalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasenyakatho, umuzi ube phakathi. Lokho kuyakuba ngamadlelo emizi yawo.


Kepha uma ebengamqamekeli, uNkulunkulu emnikela nje esandleni sakhe, ngiyakukumisela indawo ayakubalekela kuyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite