Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 35:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Aniyikungcolisa izwe enakhe kulo, ngokuba mina Jehova ngihlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 Aniyukulingcolisa izwe enihlala kulo, ngokuba Mina Simakade ngihlala phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Ngakho lingangcolisi ilizwe elizahlala kulo, engihlala kulo, ngoba mina Nkosi ngihlezi phakathi kwabantwana bakoIsrayeli.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 35:34
20 Referans Kwoze  

nikhiphe abesilisa nabesifazane, nibakhiphele ngaphandle kwekamu ukuba bangangcolisi ikamu engihlala phakathi kwalo.”


UJehova makabongwe eSiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!


Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


Abayikuhlala ezweni likaJehova; u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


“Yona ingeyokuphumula kwami kuze kube phakade; lapha ngiyakuhlala khona, ngokuba ngiyifunile.


ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ngingabashiyi abantu bami u-Israyeli.”


“Mabangenzele indlu engcwele ukuba ngihlale phakathi kwabo.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele* likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo,


“Ningasho ukuthi kuluzungu konke abakushoyo laba bantu ukuthi kuluzungu, ningesabi abakwesabayo, nibe novalo ngakho.


Thethelela, Jehova, abantwana bakho u-Israyeli obahlengileyo, ungavumeli igazi elingenacala phakathi kwabantu bakho u-Israyeli,’ bese bethethelelwa igazi lelo.


isidumbu sakhe asiyikuhlala bonke ubusuku emthini, kepha wommbela nokummbela ngalona lolo suku, ngokuba ophanyekiweyo uqalekisiwe nguNkulunkulu, ukuba ungalingcolisi izwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho.


Kuqala ngiyakuphindisela ngokuphindiweyo ububi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo, baligcwalisa ifa lami ngezinengiso zabo.”


babahlanganyela oMose no-Aroni, bathi kubo: “Sekwanele okwenu, lokhu inhlangano yonke ingcwele, bonke bayo, noJehova ekubo; niziphakamiselani, pho, phezu kwebandla likaJehova na?”


ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ophakathi kwakho unguNkulunkulu onomhawu funa intukuthelo kaJehova uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikuchithe ebusweni bomhlaba.


“ ‘Ngokuba wathi: “Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, sidle ifa lakho,” noma uJehova ebelapho,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite