Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 35:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 “ ‘Futhi aniyikuthatha ihlawulo lokuphila kombulali onecala lokubulala, kodwa wobulawa nokubulawa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

31 “ ‘Aniyukuthatha nhlawulo ukuze nisindise umbulali onecala okufanele afe ngenxa yalo, umbulali kufanele abulawe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Ngaphezu kwalokho, aniyikuthatha noma iyiphi inhlawulo yomphefumulo wombulali onecala lokubulala, kodwa kumelwe abulawe nakanjani.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 35:31
13 Referans Kwoze  

Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami. Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho.


UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuJehova.” UNathani wathi kuDavide: “NoJehova ususile isono sakho; awuyikufa.


Uma umuntu esukela umakhelwane wakhe, ambulale ngobuqili, womsusa nase-altare lami ukuba afe.


“ ‘Oshaya umuntu aze afe wobulawa nokubulawa.


Uma emshaya ngetshe elisesandleni sakhe, umuntu angafa ngalo, aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.


“ ‘Noma ubani obulala umuntu, umbulali uyakubulawa ngemilomo yawofakazi; kepha ufakazi oyedwa akayikufakazela muntu aze afe.


“ ‘Aniyikuthatha ihlawulo lobalekele emzini wakhe wokuphephela ukuba abuye ahlale ezweni, engakafi umpristi.


“ ‘Makaqalekiswe obulala umakhelwane wakhe ngasese.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’


AbaseGibeyoni bathi kuye: “Akundaba yesiliva negolide noSawule nendlu yakhe, futhi akundaba yokubulala umuntu kwa-Israyeli.” Wathi: “Enikushoyo ngiyakunenzela khona.”


Ngiyakukwahlulela ngesahlulelo seziphingikazi nesabachithi begazi, ngehlisele phezu kwakho igazi lokufutheka nomhawu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite