Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 35:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Umphindiseli wegazi uyakumbulala umbulali uqobo lwakhe; lapho ehlangana naye, uyakumbulala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Umphindiseli wegazi lapho ehlangana nombulali uyakumbulala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Othanda igazi uyobulala umbulali; uma ehlangana naye, uzombulala.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 35:19
16 Referans Kwoze  

Uma umphindiseli wegazi emxosha, awayikumnikela umbulali esandleni sakhe, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe kungengamabomu ebekade engamzondi.


ukuba umbulali obulala umuntu ngesiphosiso kungengamabomu abalekele khona, yona ibe yisiphephelo kumphindiseli wegazi.


amalunga alowo muzi ayakuthuma amlande lapho, amnikele esandleni somphindiseli wegazi ukuba afe.


funa umphindiseli wegazi amxoshe umbulali isashisa inhliziyo yakhe, amfice, ngokuba indlela inde, amshaye aze afe, noma ebengafanele ukufa, lokhu ebekade engamzondi.


noma emshaya ngesandla sakhe ngobutha aze afe, omshayileyo wobulawa nokubulawa; ungumbulali; umphindiseli wegazi uyakumbulala umbulali, lapho ehlangana naye.


umphindiseli wegazi emfica ngaphandle komkhawulo womuzi wakhe wokuphephela, umphindiseli wegazi embulala umbulali, akayikuba nacala legazi,


khona inhlangano iyakwahlulela phakathi koshayileyo nomphindiseli wegazi ngokwalezi zahlulelo;


Iyakuba yimizi yenu yokuphepha kumphindiseli, ukuze umbulali angafi engakemi phambi kwenhlangano, ahlulelwe.


Bheka, uyangixosha namuhla ebusweni bomhlaba, ngicashe ebusweni bakho; ngiyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni, ongifumanayo angibulale.”


Uma emshaya ngesikhali somuthi esisesandleni sakhe, umuntu angafa ngaso, aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.


Uma emgqula ngenzondo noma emphonsa emqamekele aze afe,


Bheka, umndeni wonke usuvukele incekukazi yakho; bathi: ‘Sinike yena owashaya umfowabo ukuba simbulale ngenxa yomphefumulo womfowabo, sichithe indlalifa.’ Bayakucima kanjalo ilahle lami eliseleyo, bangabe besashiyela indoda yami igama nensali ebusweni bomhlaba.”


Wayesethi yena: “Inkosi ake ikhumbule uJehova uNkulunkulu wayo ukuba umphindiseli wegazi angaqhubeki ukuchitha nokuba bangayibulali indodana yami.” Yathi: “Kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwendodana yakho.”


Wathi: “Babe ngabafowethu, amadodana kamame. Kuphila kukaJehova, uma benibayekile baphila, bengingayikunibulala.”


U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


OJowabe no-Abishayi umfowabo base bembulele u-Abineri, ngokuba wayebulele umfowabo u-Asaheli eGibeyoni empini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite