Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 34:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “ ‘Umkhawulo wasentshonalanga uyakuba luLwandle Olukhulu, lona lube ngumkhawulo wenu wasentshonalanga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 “ ‘Umngcele wasentshonalanga kuyoba wuLwandle Olukhulu, lube ngumngcele wenu entshonalanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Umkhawulo wenu osentshonalanga uyakuba ngumkhawulo wenu woLwandle Olukhulu; lowo uyakuba ngumkhawulo wenu wasentshonalanga.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 34:6
12 Referans Kwoze  

“Uhlangothi lwasentshonalanga luyakuba luLwandle Olukhulu, kusukela emkhawulweni kuze kuqondane nokuya eHamati. Lolu luluhlangothi lwasentshonalanga.


“Nanku umkhawulo wezwe: ohlangothini lwasenyakatho, kusukela eLwandle Olukhulu ngendlela yaseHetiloni kuze kube sekuyeni eSedadi,


Kuyakuthi kume kuwo abadobi kusukela e-Eni Gedi kuze kube se-Enegelayimi, kube ngokokwenekwa kwamanetha; kuyakuba khona izinhlanzi ngezinhlobo zazo njengezinhlanzi zoLwandle Olukhulu, zibe ziningi kakhulu.


Bhekani, nginabele lezi zizwe eziseleyo zibe yifa lezizwe zenu, kusukela eJordani, kanye nezizwe zonke engizinqumileyo, kuze kufike eLwandle Olukhulu ngasentshonalanga.


I-Ashidodi nemizi yalo nemizana yalo; iGaza nemizi yalo nemizana yalo, kuze kufike emfuleni waseGibithe, naseLwandle Olukhulu nogu lwalo.


Umkhawulo wasentshonalanga wawuluLwandle Olukhulu nogu lwalo. Lokho kungumkhawulo wabantwana bakwaJuda nxazonke ngemindeni yabo.


Kwathi lapho onke amakhosi ayengaphesheya kweJordani, ezintabeni, nasemathafeni, nasogwini lonke loLwandle Olukhulu olubhekene neLebanoni, amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, esezwa lokho,


Kusukela ehlane nakuleli Lebanoni kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe, lonke izwe lamaHeti, nakuze kube seLwandle Olukhulu ngasentshonalanga, kuyakuba ngumkhawulo wenu.


umkhawulo ujike ngase-Asimoni, uye emfuleni waseGibithe, uphume elwandle.


“ ‘Lokhu kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho: kusukela eLwandle Olukhulu anoziphawulela intaba yaseHori;


noNafetali wonke, nezwe lakwa-Efrayimi, nelakwaManase, nezwe lonke lakwaJuda kwaze kwaba selwandle lwasentshonalanga,


umkhawulo wawusuphuma, waya eceleni kwe-Ekroni ngasenyakatho; umkhawulo wasuka waya eShikeroni, wadlula waya entabeni yaseBahala, waphuma eJabineyeli; ukuphuma komkhawulo kwakuselwandle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite