Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 34:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “Yilawa-ke amagama amadoda: esizweni sakwaJuda: nguKalebi indodana kaJefune.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Nanka amagama amadoda aqokwa: esizwaneni sakwaJuda: nguKhalebhu indodana kaJefune.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Lawa amagama amadoda: Esizweni sakwaJuda, uKalebi indodana kaJefune.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 34:19
15 Referans Kwoze  

Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


UKalebi wathulisa abantu phambi kukaMose, wathi: “Masenyuke khona manje, silidle, ngokuba sinamandla okulinqoba.”


Nalokhu wathi ngoJuda: “Yizwa, Jehova, izwi likaJuda, umlethe kubantu bakubo; izandla zakho mazimlwele, ube lusizo kwabamelene naye.”


Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababenalawo madoda ukuhlola izwe basinda.


abayikungena ngempela ezweni engaphakamisa ngalo isandla sami ukuthi bengiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela ngokupheleleyo, yena ngiyakumngenisa ezweni aya kulo; inzalo yakhe iyakulidla.


UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe baklebhula izingubo zabo,


Wakhulelwa futhi, wazala indodana, wathi: “Sengiyakumdumisa uJehova,” ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uJuda; wayesekhawula ukuzala.


Owesizwe sakwaJuda: uKalebi indodana kaJefune.


Niyakuthabatha isikhulu sibe sinye kuleso naleso sizwe ukwahlukanisa izwe libe yifa lenu.


ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune; yena uyakulibona; ngiyakumnika yena nabantwana bakhe izwe alinyatheleyo, ngokuba umlandele uJehova wakhe ngokupheleleyo.’


Ngowami uGileyadi, ngowami uManase; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.


Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.


Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.


Lawa angamagama abo: Owesizwe sakwaRubeni: uShamuwa indodana kaZakuri.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite