Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 33:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Nanka amabanga ohambo lwabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ngawo ezweni laseGibithe ngamabandla abo phansi kwesandla sikaMose nesika-Aroni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Nansi indlela abantu bakwa-Israyeli abahlelwa ngayo ngokwamathimba abo, ngesikhathi bephuma eGibhithe beholwa nguMose no-Aroni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lezi ziyizohambo zabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe ngamabandla abo phansi kwesandla sikaMose no-Aroni.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 33:1
11 Referans Kwoze  

Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.


Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


“Lapho uJakobe esefikile eGibithe, oyihlo bakhala kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni abakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo.


“ ‘Ngathuma oMose no-Aroni, ngahlupha iGibithe ngalokho engakwenza phakathi kwalo; ngasemuva nganikhipha.


Kepha uNkulunkulu wabagwegwisa abantu ngendlela yasehlane ngaseLwandle Olubomvu; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ezweni laseGibithe behlomile.


Kwathi ngalona lolo suku uJehova wakhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.


Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamesesi, bafika eSukoti, kungathi abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha behamba phansi, bengamadoda ngaphandle kwabantwana.


UMose waloba ngokuhamba kwabo ngamabanga abo ngesiyalezo sikaJehova; nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo.


Wathuma uMose inceku yakhe, u-Aroni abemkhethile.


Yibo labo o-Aroni noMose uJehova athi kubo: “Khiphani ezweni laseGibithe abantwana bakwa-Israyeli ngamabandla abo.”


Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, kwathi ngalona lolo suku, amabandla onke kaJehova aphuma ezweni laseGibithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite