Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 32:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 izwe alinqoba uJehova phambi kwenhlangano ka-Israyeli liyizwe lezinkomo, futhi izinceku zakho zinezinkomo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 izwe uSimakade alinqobela abakwa-Israyeli liyizwe elihle emfuyweni, kanti izinceku zakho zifuyile.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Izwe iNkosi eyalinqoba phambi kwebandla lika-Israyeli liyizwe lezinkomo, nezinceku zakho zinemfuyo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 32:4
9 Referans Kwoze  

UJehova wathi kuMose: “Ningamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho kanye nabantu bakhe bonke nezwe lakhe; uyakwenza kuye njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori owahlala eHeshiboni.”


U-Israyeli wamnqoba ngosiko lwenkemba, wadla izwe lakhe, kusukela e-Arinoni kuze kufike eJaboki nakubo abantwana bakwa-Amoni, ngokuba umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni wawunamandla.


Bathi futhi: “Uma sifumene umusa emehlweni akho, leli zwe malinikwe izinceku zakho libe yifa lazo; ungasiwelisi iJordani.”


ukuba axoshe izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe phambi kwakho, angenise wena, akunike izwe labo libe yifa lakho njenganamuhla.


Base bemnqoba-ke, namadodana akhe, nabo bonke abantu bakhe, waze wangasalelwa muntu; badla izwe lakubo.


Labo abalotshwe ngamagama bafika ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, bachitha amatende abo namaMehuni afunyanwa khona, bawaqothula kuze kube namuhla, bahlala esikhundleni sabo, ngokuba kwakukhona idlelo lezimvu zabo lapho.


Ngiyakumbuyisela u-Israyeli ekhaya lakhe, aklabe eKarmeli naseBashani, umphefumulo wakhe waneliswe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.


Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, izimvu zefa lakho ezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli; mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite