Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 32:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Bhekani, senivukile nina esikhundleni sawoyihlo, inzalo yabantu abonayo, ukwandisa futhi intukuthelo kaJehova evuthela u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 “Bhekani, nina nzalo yezoni, senivukile esikhundleni sawoyihlo ukwandisa intukuthelo enkulu kaSimakade ngo-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bhekani, senivukile esikhundleni sawoyihlo, isixuku sabantu abayizoni, ukwandisa ulaka lweNkosi phezu kuka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 32:14
19 Referans Kwoze  

Ngalokho ningofakazi, nivuma imisebenzi yawoyihlo; ngokuba bona bababulala, nina-ke niyawakha amathuna abo.


“ ‘Kepha abantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abagcinanga izahlulelo zami ukuba bazenze, umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; bawona amasabatha ami; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo ehlane.


Nidlala nobani, nikhamisela bani umlomo, ninyalizela bani, na? Anisibo abantwana beziphambeko, inzalo yamanga yini,


Hawu, sizwe esonayo, bantu abasindwe ngububi, nzalo yababi, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uJehova, bamdelele oNgcwele ka-Israyeli, babuyele emuva.


Bahoshekela emuva, bakhohlisa njengawoyise, baphenduka njengomnsalo ogejayo.


Ngubani ongaveza okuhlambulukileyo kukho okungcolileyo na? Kakho noyedwa.


Abenzanga kanjalo oyihlo, noNkulunkulu wenu akehliselanga yini phezu kwenu konke lokho okubi, naphezu kwalo muzi, na? Nokho nina niyenezela intukuthelo phezu kuka-Israyeli ngokulona isabatha.”


U-Ezra, umpristi, wasukuma, wathi kubo: “Niphambukile nithathe abesifazane babezizwe ukwandisa icala lakwa-Israyeli.


UJehova wezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.


U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti.


Ngokuba uma nibuyela emuva ekumlandeleni, uyakubuye abashiye ehlane, nize nibhubhise laba bantu.”


Nimhlubukile uJehova kusukela osukwini enganiqabuka ngalo.


bathi kubo: “Ningabangenisi abathunjwa lapha, ngokuba nicabanga okuyakuba yicala lethu kuJehova ukuba kwenezele ezonweni zethu nasecaleni lethu, ngokuba icala lethu selilikhulu namanje; ulaka olushisayo luphezu kuka-Israyeli.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite