Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 32:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Intukuthelo kaJehova yabavuthela abakwa-Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engamashumi amane, saze saphela sonke leso sizukulwane esasenzile okubi emehlweni kaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Intukuthelo kaSimakade yabavuthela abakwa-Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engama-40, saze saphela sonke leso sizukulwane esasenze okubi emehlweni kaSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wabazulazula ehlane iminyaka engamashumi amane, saze sabhubha sonke isizukulwane esasenza okubi emehlweni kaJehova.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 32:13
15 Referans Kwoze  

Kepha iningi labo uNkulunkulu wayengathokozi ngabo; ngokuba bashaywa phansi ehlane.


Ngakho waqedela izinsuku zabo ezeni neminyaka yabo ovalweni.


Nina-ke, izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane.


“Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho; ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu; nakule minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho waba nawe, awuswelanga lutho.


Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi, abafumananga umuzi wokuhlala.


Abantwana bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engamashumi amane, baze bafika ezweni elakhiweyo; badla imana, baze bafika emikhawulweni yezwe laseKhanani.


Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo.


Intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathi: “Ngokuba lesi sizwe seqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, singalalelanga izwi lami,


Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane, ngaze ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abazazanga izindlela zami,”


“Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo, akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,* ayenamandla njengama-oki;* kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu nezimpande zawo phansi.


“Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlane ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite